Lushaya ibuya ukhuvethe

Arthur Greene

Isimo esijwayelekile sobumnyama sehlele ezweni ngoLwesihlanu ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMpilo uJoe Phaahla ememezela ukuthi kungenzeka ukuthi iNingizimu Afrika isingenile kwisivunguvungu sesihlanu se-Covid-19.

Kodwa-ke, ochwepheshe banxusa ukuthi kwehle amaphaphu, bathi lesi sivunguvungu sakamuva ngeke sibe ingozi.

Esithangamini nabezindaba, uPhahla uthe bayanda abantu abangeniswa ezibhedlela ngenxa ye-Covid-19 kodwa ukulaliswa kwabagula kakhulu kanye nokushona kwabantu kusazinzile.

Isilinganiso sezinsuku eziyisikhombisa sokushona kwabantu eNingizimu Afrika sikhuphuke sisuka ku-12 ngomhlaka-18 kuMbasa saya ku-22 ngomhlaka-25 ku-Mbasa, ngokwezibalo zikahulumeni.

Ukwenyuka kokuthelelana kuqhutshwa yizinhlobonhlobo ezimbili ezincane zokuhlukahluka kwe-omicron.

Imigqa ye-BA.4 kanye neye-BA.5 yokuhlukahluka kwe-omicron yenze ngaphezu kwengxenye yezifo ezintsha ezweni ngesonto lokuqala likaMbasa, futhi izoba namandla nakakhulu manje.

Ungoti wezifo eziwumashayabhuqe, uSalim Karim, owabikezela ukuthi igagasi lesihlanu laseNingizimu Afrika lizofika ekuqaleni kukaNhlaba, uthi izimpawu zakuqala zibonisa ukuthi isifo esizoqhuba leli gagasi ngeke sibe sibi kakhulu kunamagagasi adlule.

“Mayelana nokuqina kwalo, kusasekusha kakhulu ukuthi kungaqinisekiswa kodwa uphawu olulodwa ngelokuthi ukushona kwabantu ngokweqile akukhuphukanga kakhulu,” usho kanje.

“Kwizivunguvungu ezedlule, ukushona kwabantu ngokweqile bekukhuphuka, kwesinye isikhathi nangaphambi kokuba kubonakale ukwanda kokuthelelana,” echaza.

UKarim uthe ukushona ngokweqile  kwehlile.

Ngokusemthethweni bangaphezu kuka-100,000 asebeshonile ngenxa ye-Covid-19 eNingizimu Afrika kusukela kwafika lolu bhubhane ngoNdasa ngo-2020. 

Bangaphezudlwana kuka-30% abantu abagonyelwe leli gciwane ngokuphelele – cishe ingxenye yesilinganiso esiwuhhafu womhlaba wonke.

Izihloko zakamuva