Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Lushaya ibuya Ugu Jazz ngemuva kokuvalwa umasipala wesiFunda wasoGwini ngenxa yezinkinga zamanzi ezazikhungethe lo mkhandlu nomphakathi.
Lokhu kumenyezelwe ngoLwesithathu esithangamini ebesiseMhlanga, eThekwini nokuyilapho iMeya yesiFunda uMnuz Sikhumbuzo Mqadi nesigungu sakhe beqhumise oshampeni bethula kabusha lo mcimbi omkhulukazi ovamise ukuba sebusika ngoNhlangulana enkundleni yaseGamalakhe ebizwa ngokuthi Ugu Sport and Leisure engase-Margate.
UMqadi uthe babuyisa Ugu Jazz ngenxa yokuthi ludlala indima enkulu ekuthuthukisweni komnotho wasoGwini ikakhulukazi endimeni yezokuvakasha.
“Inkinga yamanzi isiphelile oGwini futhi nasesimeni sezimali sesimi kangcono nokwenza kubelula ukuthi sithathe lesi sinqumo sokubuyisa Ugu Jazz Festival. Sibheke izigidi zamaramdi ezizongena oGwini ngalo mcimbi obuyayo kusuka emahhotela kuya kosomabhizinisi abathengisa imikhiqizo enhlobonhlobo nokuzokwakha nenqwaba yamathuba emisebenzi,” kusho uMqadi.
Ugu Jazz lwaqala ngonyaka ka-2007 lusenziwa inkampani iSya Sound kaMnuz Siya Msomi. Kuthe ngo- 2018 umkhandlu wathatha isinqumo sokunikeza lo msebenzi wokusingatha le ndumezulu yomcimbi usomabhizinisi waseThekwini ongasekho uMnuz Jabulani Mjay Zama waseYadini.
Kuthe ngonyaka ka-2022 bawuhoxisa lo mcimbi ngoba bekhala ngokuthi umkhandlu ufuna ukubhekana nenkinga yamanzi ebidlangile oGwini.
Ngo-2023 kubesekushona uZama okuthiwa wayesasalelwe iminyaka emibili kuphele inkontileka yakhe.
Kodwa ngoLwesithathu umkhandlu oholwa uMqadi oGwini wethule inkampani kaMnuz Sya Msomi ukuba iphinde isingathe Ugu Jazz Festival iminyaka emithathu ukusuka manje kuze kube unyaka ka-2027.
UMnuz Sya Msomi uthe kulo nyaka bazokwenza ukuthi Ugu Jazz lube ngolukhethekile futhi bazonika ithuba osomabhizinisi bendawo abancane ukuba nabo bakwazi ukuhlomula.
Uqhube wathi okwamanje abafuni ukusho ukuthi obani abaculi abazobe bekhona ngoba babalekela ukuthi balokhu begxekwa ngokuthi kungani umculi othile engaqashwanga noma kukhalwe ngokuthi kungani kubuyiswa umculi thizeni.
Uthe kuzoba neminye imicimbi ezobakhona okubalwa ne-Mayoral Cup, ukudoba, ukukhangisa ngobuciko nokunye.
UGu Jazz lungenyanga ezayo kodwa imibuthamo nemibhiyozo yokulikhangisa ebantwini izoqala kahle ekuqaleni kwayo inyanga ezayo nokuyobe sekuphuma nosuku lwayo.