Lusayinzukazikeyi olweSilo samaVenda

Elmon Tshikhudo

Uqhekeko oluqhubeka eNdlunkulu yama-Venda lubambezela uhlelo lokuqoka ozongena esihlalweni seSilo esingenamuntu.

Ngesonto eledlule umndeni umemezele ukuthi uzohlangana udingide udaba ngemuva kokuthi iNkosi uToni Mphephu ephucwe amandla yiNkantolo yoMthethosisekelo ngoLwezi.

INkosi ebiyibamba ayigcinanga nje ngokuphucwa amandla kodwa iphinde yaphucwa imihlomulo yayo, okuhlanganisa neholo lika-R1 million  nabaqaphi.

Umndeni uhlangane ngoLwesithathu olwedlule ukuze ukhethe iSilo esisha kodwa lowo mhlangano wangaqhubeka ngemuva kokuphazamiseka. Umhlangano awuzange uphumelele futhi akukho okubambekayo okuvunyelwene ngakho.

Umthombo ongaphakathi ebukhosini, ongathandanga ukudalulwa igama, uthe akukho okuvunyelwene ngakho emhlanganweni. Umhlangano uphele ngaphandle kwesiphetho ngesikhathi lingekho igama likaThomas Mphephu ohlwini lwamagama aphakanyisiwe, okukholakala ukuthi nguyena oyindlalifa efanele yesihlalo sobukhosi.

“Bonke ababesohlwini bebekhona emhlanganweni,” kusho umthombo.

“Amagama aye aphakanyiswa kodwa igama likaThomas Mphephu lishiywe ngamabomu kanti lokhu akuzange kuhlale kahle kuMakhadzi ongumeluleki omkhulu. Kungaleso sikhathi lapho amanye amalungu omkhandlu wasebukhosini aphume khona emhlanganweni”.

UMakhadzi ubefuna igama likaThomas Mphephu kodwa liye lakhishwa ngelinye iqembu elifuna uToni Mphephu ukuba athathe izintambo. Lokhu sekube esinye isithiyo ekunqumeni indlalifa efanele.

Ngale kokuthi abahlela umhlangano bakwazi ukulalela uVho Makhadzi njengobambe iqhaza elikhulu uma kunqunywa ngendlalifa, lokhu akusoze kwaxazululeka,” kusho umthombo wesibili.

Kodwa-ke okhulumela iNdlunkulu yama-Venda uNtsieni Ramabulana akapholisanga maseko ukuphikisa iziphakamiso zokuthi kube nomhlangano.

“Umhlangano awukwazanga ukuba khona ngoba amanye amalungu omkhandlu abengaphathekile kahle angakwazi ukuza emhlanganweni.

“Asifuni ukuzithola sisesimweni lapho okuzothathwa khona isinqumo bese siphonselwa inselelo ngabangayanga. Umhlangano olandelayo kungenzeka ube ngoLwesine futhi ngiyethemba ukuthi kuzomenyezelwa iSilo esisha,” usho kanje.

Izihloko zakamuva