Lusayinzukazikeyi olokuphakelwa kwabafundi eKZN

Lubhalwe nguMlungisi Gumede noCelani Sikhakhane

Isekude ukuxazululeka inkinga  ngohlelo lokuphakelwa kwabafundi  ezikoleni KwaZulu-Natal.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi i-Ithala linqabile ukuboleka imali osonkontileka abaphakela abafundi ukudla.

UMngango uhlonze i-Ithala njenge sikhungo sezimali esingasiza siboleke osonkontileka imali ukuze bakwazi ukuthengela abafundi ukudla.

Ukwenqaba kwebhange ukuboleka osonkontileka imali kusho ukuthi kusazophinde kuphazamiseke ukusatshalaliswa kokudla ezikoleni.

Uhlelo lokuphakela izingane ezikoleni e-KZN luqale ukuba nenkinga ngemuva kwamaholidi ephasika ngesikhathi inkampani ebinikwe inkontileka nguMnyango phambilini, i-Pacina Retail ihluleka ukusabalalisa ukudla ezikoleni.

Lokhu kuholele ekutheni kube nokukhathazeka emphakathini.

Inkontileka yePacina ihoxisiwe kanti le nkampani isifake umnyango enkantolo.

Omunye wosonkontileka okhulume ne-Scrolla.Africa ocele ukuba igama lakhe ligodlwe ngoba esaba ukuhlukumezeka, uthe uphoxekile ngesikhathi isicelo sakhe sokuboleka imali yokuthenga ukudla kwabafundi sinqatshwa i-Ithala.

“Baningi abebefake izicelo zokubolekwa imali ileli bhange kanti lokhu kuzophazamisa ukusatshalaliswa kokudla ezikoleni kwazise iningi lethu alinayo imali.”

USitandiwe Dimba weThala uthe ngeke bakwazi ukuboleka osonkontileka ngoba abahlangabezani nezidingo zabo.

“Njengesikhungo sezimali kumele sizenelise ukuthi abantu ababolekwa imali bazokwazi yini ukuyibuyisela,” kusho uDimba.

Okhulumela i-Pacina Retail, uThobani Zikalala uthe bagcine ukuhambisa ukudla ezikoleni mhla zimbili kuNhlaba.

“Ziyaqhubeka izingxoxo phakathi kwethimba labammeli be-Pacina neloMnyango wezeMfundo e-KZN ngalolu daba, yingakho kudingeke ukuthi simise ukusatshalaliswa kokudla okunomsoco kuze kube luyalungiswa lolu daba,” kusho uZikalala.

I-Pacina isayine inkontileka yeminyaka emithathu ka-R2.1 billion yokuhlinzeka ngokudla  ezinganeni zesikole ezingaphezu kwezigidi ezinhlanu esifundazweni.

I-Scrolla.Africa sibike ngenyanga edlule ngemiphakathi yaseMtubatuba esivele ifaka u-R20 umzali ngamunye ukuze izikole zendawo zithengele abafundi ukudla.

Esithombeni esingenhla: UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN uMbali Frazer obukeka ehluleka ukuxazulula inkinga yokuphakelwa kwabafundi ezikoleni.

Umthombo wesithombe: I-News24

Izihloko zakamuva