
Everson Luhanga
Ingxenye enkulu yeGoli inyakaziswe yimibhikisho elwisana nabaphuma emazweni angaphandle ehlelwe amagatsha e-Operation Dudula kule mpelasonto.
Imibhikisho emikhulu kakhulu ibisenkabeni yeGoli, e-Hillbrow, e-Orange Grove, nase-Alexandra, lapho umholi wenhlangano, uNhlanhla Lux Ndlamini, ebehola khona iqulu labantu abangaphezu kuka-500.
Yize amaphoyisa ethe azikho izigameko zodlame ezibikiwe, kudingeke ukuthi amaphoyisa adubule ngezinhlamvu zenjoloba ngesikhathi kuqubuka ingxabano e-Hillbrow nase-Orange Grove.
Amaphoyisa, imeya yaseGoli uMpho Phalatse nelungu lekomidi lemeya kamasipala ophikweni lwezokuPhepha koMphakathi uDavid Tembe bonke bachaze izenzo zenhlangano i-Operation Dudula njengo bugebengu.
Kodwa-ke, ngendlela izinto ezenzeke ngayo ngempelasonto kuyacaca ukuthi leli qembu ngeke liyeke ukubhikisha.
Abesifazane abebegqoke obhodisi kuphela badonse amehlo abantu ngesikhathi bemasha behambisa uhlu lwezikhalo kubanikazi bezitolo e-Orange Grove.
Omunye wabesifazane abebegqoke obhodisi uthe “sebekhathele” ngabanikazi bezitolo abaqasha abantu bangaphandle futhi uzimisele ukuhola imashi yabangagqokile eya e-Union Building ukuze azwakalise ukuphatheka kabi kwakhe kuhulumeni. Usole abaphuma emazweni angaphandle ngokubathathela imisebenzi nokudayisela izingane ezincane izidakamizwa emphakathini.
Njengoba amanxeba okuphanga kwangoNtulikazi esamasha ezingqondweni zabanikazi bamabhizinisi abaningi, ukubona isixuku esikhulu kangaka sibheke ezitolo kubuyisa inkumbulo yokulahlekelwa.
NgeSonto igatsha leDudula lase-Alexandra nalo beliphume ngobuningi.
Okhulumela le nhlangano u-Agnes Malatje utshele i-Scrolla.Africa ukuthi baqonde wonke umuntu ongeyena owaseNingizimu Afrika.
“Akukhathaleki ukuthi uyasibonisa yini amaphepha noma cha, uma ungeyena owaseNingizimu Afrika, udinga ukunikela ibhizinisi lakho kumuntu wasendaweni”.
Uthe baqonde wonke umuntu wangaphandle ngoba nalaba abanamaphepha bawathole ngomgunyathi eminyangweni kahulumeni.
U-Agnes uthe iminyango kahulumeni idale uthuthuva futhi iyikhaphele imiphakathi.
“Esikwenzayo manje kuzodonsa amehlo kahulumeni olele,” esho.
Isigameko esenzeke ngabo-2:00 emini e-Alexandra Pan Africa Mall besifana nezibhelu nokuphangwa kwangoNtulikazi nyakanye.
IMeya yaseGoli uMpho Phalatse uyigxekile i-Operation Dudula nezenzo zayo.
“Kumele kuqondwe ukuthi inhlangano i-Operation Dudula yenza umsebenzi ongekho emthethweni futhi awugunyaziwe umasipala,” usho kanje.