Everson Luhanga
Inhlangano ebizwa ngeDudula Movement ihlangane ngaphandle enxanxatheleni yezitolo i-Alex Pan Africa Mall e-Alexandra ifuna ukuthi abadayisi bangaphandle nabakuleli bayeke ukudayisa izinsuku eziyisikhombisa.
Inhlangano ephikisana nabaphuma emazweni angaphandle ithe ngeke ikuvumele ukudayisa kuqhubeke endaweni, ikuchaza ngokuthi lokhu abakwenzayo bahlanza inxanxathela yezitolo”.
NgoLwesibili ekuseni inxanxathela yezitolo ibingenalutho futhi kuthulekile abathengisi bebancane ngesikhathi izimoto zamaphoyisa zimi ezindaweni ezahlukene ukuqapha isimo.
Abadayisi abaningi bafihla impahla yabo ezikhwameni, njengoba besaba ukuthi iDudula izolahla izimpahla zabo uma bezama ukudayisa noma imiphi imikhiqizo yabo.
Ugogo Nomsa Dlamini, oseneminyaka engu-21 edayisa kule nxanxathela yezitolo, uthe amasonto amathathu adlule bekunzima kakhulu.
“Sisebenzisana nabadayisi bangaphandle okuyibona abasuke beyizisulu zenhlangano iDudula kanti uma bexoshwa kuyasithinta nathi,” kusho ugogo uNomsa.
Uthe amalungu eDudula acekele phansi izimpahla zakhe ngoMsombuluko ngaphambi kokuthi kube khona akwazi ukuzithatha.
“Anginayo imali yokuphinda ngibe nesitoko. Ngiphelelwe amandla. Abazukulu bami ngeke babe nokudla,” esho ephethe isaka lemifino elingamakhilogremu angu-50.
Ugogo uDlamini uthe uma kuqhubeka lolu hlobo lokuhlukunyezwa, yena nabanye abantu bakuleli bazoma nabakwamanye amazwe ukuze balwe neDudula.
“Sihlupheka ngendlela efanayo njengabantu bangaphandle lokhu kufanele bakuyeke ngoba nathi sizolwa nabo,” kuchaza ugogo.
Umdayisi wemifino uThato Mapheto uthe akakwazi ukuyeka ukudayisa izinsuku eziyisikhombisa.
“Kungenzeka ngife, kodwa ake ngife ngizamile ukuziphilisa ngondle nomndeni wami,” kusho uThato.
Njengoba lolu suku luqhubekile ngoLwesibili, abadayisi ikakhulukazi baseNingizimu Afrika, baqhubekile nokudayisa. Ezinye izitolo zisavaliwe kodwa ezinye zivulwe isikhashana.
Umholi weDudula Movement uSimon “Msayza” Rati uthe ngeke basatshiswe ngamaphoyisa noma abaphuma emazweni angaphandle.
“Sizoqhubeka nombhikisho wethu,” efunga egomela.