Dylan Bettencourt
UWill Smith usinqabile isicelo se-Academy sokuthi ashiye umcimbi ngemuva kokushaya uChris Rock ngempama.
UChris Rock wenze ihlaya elingelihle ngonkosikazi kaSmith, uJada Pinkett-Smith.
Ngemuva kwalesi sigameko, abantu abaningi babuze ukuthi kungani uSmith evunyelwe ukuthi ahlale kulo mcimbi wakwazi nokuthola indondo yakhe ngemuva kwehora.
“Izinto zenzeke ngendlela ebesingayilindele,” kusho isitatimende se-Academy.
“Yize sithanda ukucacisa ukuthi uMnu uSmith ucelwe ukuthi awushiye umcimbi wanqaba, siyabona ukuthi bekumele lolu daba silusingathe ngendlela ehlukile.”
I-Academy yengeze ngokuthi banikeze uSmith ithuba lokuziphendulela ngaphambi kokuba ibhodi lihlangane ngomhlaka-18 kuMbasa.
USmith, owine umklomelo womlingisi ovelele, akazange alithokozele ihlaya likaChris Rock mayelana nokungabi bikho kwezinwele zomkakhe, njengoba lokho kwenziwa umphumela we-alopecia, okuyisimo sokulahlekelwa izinwele.
URock wabuka uJada wathi “Can’t wait for GI Jane 2” okuyinkomba yefilimu i-GI Jane eyakhishwa ngonyaka ka-1997 lapho umlingisi uDemi Moore ephucile ekhanda.
Ngemuva kokuhleka ihlaya, uSmith uvele wakhuphukela esiteji washaya uRock ngempama ebusweni.
Ibhodi lihlele ukudingida imiphumela engase ibe khona ngoSmith ehlanganisa ukumiswa, ukuxoshwa nonswinyo.
Imibiko eminingi ithi uSmith, owine indondo ngeqhaza lakhe lokuba nguyise kaSerena noVenus Williams, angase aphucwe umklomelo wakhe.
USmith usephendule lesi sigameko ngokuxolisa emphakathini nakuRock ngesenzo sakhe.
“Ngizisola kakhulu ngokungaziphathi kahle kwami nokubhidliza umcimbi obumuhle kuthina sonke. Ngiyalibona iphutha lami,” kubhala uSmith ku-Instagram.
Sekuvele kwaphakama imibuzo mayelana nokuthi bekulungile yini noma bekungalungile okwenziwe uSmith. Abantu baphikisana ngokuthi osomahlaya badonsa kanzima ngomsebenzi wabo njengoba behlekisa abantu kodwa begade imingcele yokungacasuli omunye umuntu.
Nokho, iqeqebana labantu linomuzwa wokuthi uRock bekungafanele aphawule ngesimo sikaJada, kodwa usomahlaya uthe ubengenalo ulwazi ngesifo sakhe.
Umthombo wesithombe: @TheNewYorker