Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Kugqame ubunye phakathi kweSilo uMisuzulu kaZwelithini nowakwakhe uNdlunkulu uNomzamo kaMyeni ngesikhathi kwethulwa umdlalo uShaka iLembe Season 2 muva nje.
Lokhu kwenzeke yize kukekwaba namahlebezi okuthi uNdlunkulu ukaMyeni neSilo abasahoshelani ngemuva kokuhoxiswa komshado wabo ngomzuzu wokugcina obekufanele ubengoMasingana ngomhlaka-26.
Kodwa kulokhu ngesikhathi kwethulwa umdlalo uShaka iLembe isigaba sesibili batheleke behamba ndawonye belokhu bemamatheke njalo bebingelelana nabadlali bale ngqophamlando wesiqephu esixoxa ngeLembe nomlando wokubunjwa kwesizwe samaZulu okwenzeka eminyakeni engaphezulu kuka-200.
Okuqaphelekayo ukuthi iNgonyama isivamisile ukuhamba noNdlunkulu bayo muva nje ngokubashintshashintsha uma kunemikhosi noma imicimbi eseqophelweni eliphezulu.
Naye ukaMyeni sekuze kwabakaningana ebonakala naso Isilo emcimbini yaseNdlunkulu neminye eyahlukene.
Akagcini ngokuhamba naye kuphela kodwa ubuye ahambe noNdlunkulu omdala uNtokozo kaMayisela kanti kuphinde ahambe nengoduso yakhe uSihle kaMdluli wasebukhosini esifundazweni iMpumalanga.