Luqala phansi uthuthuva eNdlunkulu kaZulu 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

ISilo samaZulu uMisuzulu KaZwelithini uhoxile empilweni yomphakathi njengoba ebonakale enentombi yakhe okuthiwa ngeyaseMelika ngenxa yokuhilizisana okukhona ebukhosini bakaZulu.

ISilo asizange silubhade ngisho nasemcimbini wokugubha usuku lokuzalwa lomkakhe uNdlunkulu uNtokozo KaMayisela ngeSonto eSigodlweni sasoPhongolo.

Umbango wozongena esikhundleni sikaNdunankulu kaZulu uMangosuthu Buthelezi kanye nokuhilizisana ngokuqokwa kwenyosi yeSilo yizona zinto ezidala uthuthuva ebukhosini, kusho imithombo ye-Scrolla.Africa.

ISilo uMisuzulu uqoke umzala wakhe uMthokozisi Mahlobo ukuthi kube nguyena ozongena esikhundleni sikaButhelezi kodwa abanye baphakamisa indodana kaButhelezi uMntwana uNtuthukoyezwe Zuzifa Buthelezi,” kusho umthombo osondelene neSilo.

UMntwana uNtuthukoyezwe Buthelezi utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akekho oseke wakhuluma naye mayelana nalesi sikhundla futhi akasilangazeleli.

“Ngake ngasho ukuthi anginaso isifiso saleso sikhundla futhi okubi nakakhulu njengoba uNdunankulu esaphila. Angazi ukuthi ubani ongakhuluma ngalento. Kuyilungelo leSilo ukuqoka uNdunankulu waso.”

I-Scrolla.Africa siphinde sathola ukuthi inyosi yeSilo uMisuzulu, uGoqozile Masango bekumele aqashwe ngokusemthethweni kodwa uMntwana uThami Zulu  wangavuma waqasha inyosi edabuka oLundi.

“Ipolitiki kanye nokukhashelwa kuningi kakhulu,” kusho omunye umthombo okhathazekile wasesigodlweni.” Njengoba sikhuluma nje asazi noma iSilo sizokwazi yini ukuthamela i-Army Parade ezothulwa uMengameli uCyril Ramaphosa e-Richards Bay namhlanje.

“Asilindele nokuthi ahambele ukuvulwa kwesiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngoLwesine.”

Nakuba intombi yeSilo yaphesheya ingadalulwanga igama, ibonakale emcimbini wokukhumbula impi yaseSandlwana ebiseNquthu ngenyanga edlule.

UMntwana uThami Zulu, uNdlunkulu ukaMayisela kanye neSilo uMisuzulu abatholakalanga ukuba baphawule kanti nobukhosi bakaZulu abunaye umkhulumeli ngemuva kokwesula kukaMntwana uThulani.

Esithombeni esingenhla: ISilo samaZulu uMisuzulu kaZwelithini

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva