Luphele sekumuncu olwezithandani omunye wazo eminza wafa

Doreen Mokgolo

Luphele sekumuncu usuku lwezithandani ezimbili ngesikhathi omunye wazo eshibilika waminza edamini akade bebhukuda kulona.

Lezi zithandani kusolakala ukuthi ziye endaweni ethandwayo yokuzipholela e-Cowles Dam e-Payneville Springs zanquma ukubhukuda.

Ngesikhathi uMapiyani Nzukulu oneminyaka engu-22 eqala ukuba nenkinga emanzini, isoka lakhe uShepard Chada uphuthume ngakuye ezomhlenga.

UMapiyani uchaze wathi ngesikhathi sebezophuma edamini, uChada ushibilike wawela wagwiliza.

“Ngizamile ukumbamba kodwa ngaphelelwa ngamandla ngangakwazi ukungena ngimhlenge,” kusho uMapiyani.

“Lesi sigameko sizongihlupha impilo yami yonke. UChada usindise impilo yami ngokufaka eyakhe engozini, into abehlale engithembisa kule minyaka emibili sindawonye. Ukube ubengekho ngabe ngifile,” kusho uMapiyani.

Okhulumela amaphoyisa ase-Devon,  uSeargent Sibongile Ndlela, uthe amaphoyisa abatshuzi abizelwe lapho okwenzeke khona isigameko isidumbu satholwa kude nalapho bebebhukuda khona.

UShepard uqinisekiswe ukuthi ushonile endaweni yesigameko kanti abezimo eziphuthumayo batholele uMapiyani usizo endaweni yesigameko.

UNdlela unxuse izakhamuzi ezakhele i-Ekurhuleni ukuthi zigweme ukungena emfuleni, imifudlana nasemadamini ikakhulukazi ngezikhathi zemvula.

“Amanzi anamandla ikakhulukazi uma kunetha,” kusho uNdlela.

Isakhamuzi uNthabiseng Matlawa uthe izakhamuzi zisashaqekile ngalesi sigameko.

“Asikaze sibe nezigameko zokuminza eminyakeni edlule ngoba sizixwayisa mihla namalanga izingane ezibhukuda edamini,” kusho uMatlawa.

“Siyazi ukuthi akuphephile ukubhukuda edamini kodwa ngokuhamba kweminyaka seliphenduke indawo ethandwa kakhulu abantu bakule ndawo.

Izihloko zakamuva