Lubhalwe nguSihle Mavuso
Umasipala waKwaNongoma enyakatho yeKwaZulu-Natal odonsa kanzima ngokwezimali uhluliwe empini yawo yokuqala yezomthetho ibhekene noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi.
NgoLwesithathu iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu inqume ukuthi isinqumo soMkhandlu waKwaNongoma sokwelula inkontileka yebamba lemenenja kamasipala uMnuz Sipho Nkosi nebamba lesikhulu esiphezulu sezimali (CFO) uMnuz Bhekokuhle Menyuka “asinawo amandla”.
UNkosi noMenyuka baqokwe njengezikhulu ezibambile ngemuva kokuba i-CFO yangaphambilini kanye nemenenja kamasipala bethweswe amacala enkohlakalo nokushushumbisa imali.
Emasontweni amabili edlule umasipala oholwa umfelandawonye we-NFP i-ANC ne-EFF, ufake amaphepha enkantolo aphuthumayo ukuze kuvinjwe uButhelezi ukuthi amise ukwelulwa kwezinkontileka nokuletha izikhulu ezimbili ezizovala isikhala sikaNkosi nesikaMenyuka.
Umasipala uveze ukuthi uButhelezi akanawo amandla okwenza lokho kodwa umasipala uwodwa okumele uqoke izikhulu eziphezulu.
Kodwa esinqumweni sayo inkantolo ephakeme ithe kusobala ukuthi umkhandlu ungamqoka umphathi kamasipala izinyanga ezintathu kuphela – bese kuthi uma uNgqongqoshe evuma – umkhandlu ungakwazi ukwelula inkontileka ezinye izinyanga ezintathu.
“Ummangali wokuqala ofake isicelo (umkhandlu/umasipala) wenze okungalungile ngesikhathi umkhandlu wawo welula inkontileka yokuqokwa kwebamba emva kwalokho wabe usecela ummangalelwa wokuqala (uButhelezi) ukuthi elule isikhathi sokusebenza.
“Ngakho-ke, besingekho isicelo esizwakalayo sokwenza lokho futhi azikho izimo ezikhethekile noma isizathu esibambekayo esibalulwe kulesi sicelo. Ummangali wokuqala kungase kudingeke ahoxise isinqumo sokwelulwa kwezikhundla zababambile bese ehambisa isicelo sokunwetshwa kummangalelwa wokuqala (uButhelezi) ngokoMthetho Wezinhlelo Zokusebenza,” ifundeka kanjalo ingxenye yesinqumo.
Yize inkantolo inqume ukuthi umkhandlu awunawo amandla okwelula izinkontileka zalaba bobabili, iphinde yaveza ukuthi uButhelezi akanawo amandla okufaka amalungu afunwa nguye okungo-AB Mnikathi noBW Ndlovu ezikhundleni zabo.
Inkantolo ithe uNgqongqoshe angabaletha kuphela ngemuva kwesicelo somkhandlu sokuthi kube nomuntu ozobamba izintambo kuze kube kukhethwa ofanele.
Esithombeni ngenhla: Umasipala waKwaNongoma uhluliwe empini yawo yokuqala yezomthetho ubhekene noButhelezi.
Umthombo: Sihle Mavuso