Lubukeka lusakude ukuphela udlame kumalungu e-Zanu PF

Dalphine Tagwireyi

Amalungu eqembu eliphikisayo le-Citizens Coalition for Change (CCC) eliholwa nguMnu Nelson Chamisa kubikwe ukuthi ahlukunyezwe athunjwa ngabasekeli be-Zanu PF esigodini se-Matobo ngeSonto.

Amalunga e-CCC abekhankasela ukhetho oluzayo lwamaKhansela oluzoba ngomhlaka-21 kuMfumfu e-Matobo.

Amanye amalungu e-CCC asizwe ukubalekela ehlathini, kodwa amanye ahlaselwa kabuhlungu ngabasekeli be-Zanu-PF ababehlome ngezibhamu.

Abesifazane abebeyingxenye yaleli thimba kuthiwa baphoqeleke ukuthi bakhumule abakugqoke ngaphezulu bephoqwa ilaba besilisa.

Okhulumela i-CCC uFadzayi Mahere uthe bayalugxeka udlame futhi banxusa ukuthi kube nokuthula.

“Sithole umbiko izolo wokuthi izigebengu ze-Zanu-PF zivale imigwaqo zacekela phansi impahla zashaya izimoto ebezithwele amathimba e-CCC abesemkhankasweni wombuthano e-Matobo wokhetho oluzayo.”

UMahere wengeze wathi kulandela ukuhlaselwa okunodlame okwenziwe amalungu e-Zanu-PF amanye amalungu e-CCC aphuthunyiswe esibhedlela esikhulu sase-Matobo.

“Ingalo nomlenze ka-Elephant Ncube uphuke ngesikhathi bebhekene nalesu sigameko kanti u-Albert Ncube yena uphuke ingalo nezimbambo.”

Amalungu ayisishiyagalolunye ethimba asanyamalele. UMahere uthe sebethumele ithimba elizobathungatha libabuyise bephephile.

Nakuba i-Republic yesibili ithembise ukubekezelelana kwezombusazwe lokhu okwenzekayo kuhlukile njengoba izigebengu ze-Zanu-PF eziphethe izikhali zihlala ziphazamisa imikhankaso kanye nemibuthano yamaqembu aphikisayo.

Ukudlondlobala kodlame lwezombusazwe emiphakathini eyingcosana e-Zimbabwe sekudale ukukhathazeka okukhulu, njengoba izwe libheke kukhetho lukaMengameli ngo-2023. Ngokusho kwabahlaziyi lokhu kuhlasela kungase kuholele odlameni olwesabekayo olwazamazamisa i-Zimbabwe ngesikhathi sikaMugabe.

“Kumele sizigxeke zonke izenzo zodlame lwezepolitiki njengoba lesi sihlava sikhula kabi okhethweni lokuchibiyela oluzoba ngonyaka ozayo,” kusho umhlaziyi wezepolitiki uThandolwenkosi Ngwenya etshela i-Scrolla.Africa.

“Uma siqhubeka nokukushaya indiva lokhu okwenzeka ngesikhathi sikaMugabe, liningi igazi elizochitheka labantu abangenacala.”

Umsekeli kaKhomishana wamaPhoyisa e-Zimbabwe Republic Police (ZRP) uPaul Nyathi uthe bazisiwe ngemibiko yokulwa okunodlame okwenzeka e-Matobo ngomhlaka-16 kuMfumfu futhi bathola imibiko kuwona womabili amaqembu e-CCC kanye ne-Zanu-Pf.

“Uphenyo luyaqhubeka ukuze kutholakale bonke abasolwa abathinteka ezenzweni zodlame futhi njenge-ZRP sinxusa amaqembu ezepolitiki kanye nabalandeli ukuthi baziphathe kahle bagweme zonke izinhlobo zodlame.”

Isithombe esingenhla ngesamalungu e-CCC abehlaseliwe.

Umthombo-Citizens Coalition for Change

Izihloko zakamuva