Lubhekwe ngabomvu usuku lwemiphumela yokhetho e-Kenya

IPhini likaMengameli wase-Kenya uWilliam Ruto usedlulele phambili embangweni oshubile wokubanga isihlalo sokuba uMengameli ngokwemiphumela esemthethweni ebikwe ngabezindaba zase-Kenya ngeSonto.

Kusuke ulaka kwatshalwa amaphoyisa ngaphakathi esikhungweni sikazwelonke sokubala izibalo zokhetho ngemuva kokuhilizisana nokusolwa ngamaqembu kulo mqhudelwano osuthathe cishe isonto lonke kubalwa amavoti. 

Emncintiswaneni wesihlalo sikaMengameli imiphumela eqinisekisiwe esemthethweni ebikwe inhlangano yezindaba ye-Nation iveze ukuthi uRuto uthathe amavoti angu-51%, ngaphambi komholi weqembu eliphikisayo kwesokunxele uRaila Odinga othola amavoti angu-48%.

Ukudideka mayelana nokubalwa kwamavoti emithonjeni yezindaba kanye nokuhamba kancane kwenqubekela phambili yekhomishana yokhetho kuye kwaletha ukukhathazeka e-Kenya okuyizwe elicebe kakhulu futhi elizinzile e-Mpumalanga ne-Afrika, kodwa elinomlando wodlame kulandela ukhetho olunezingxabano.

Imiphumela eqinisekiswe ngokusemthethweni ngoMgqibelo njengoba sekubalwa amavoti angaphezudlwana kwekota ibeke u-Odinga phambili ngamavoti angama-54% kwathi uRuto wathola angu-45%.

Owinile kumele athole u-50% wamavoti. Ikhomishana inikezwe izinsuku eziyisikhombisa ukuthi imemezele abawinile.

Benze isiqiniseko sokuzama  ukuvimbela uhlobo lwezinsolo zokukhwabanisa ezasusa udlame ngo-2007 ngesikhathi kubulawa abantu abangaphezu kuka-1,200 nango-2017 okwabulawa abantu abaningi. 

U-Odinga noRuto babanga esikamengameli. UHuru Kenyatta waxabana noRuto ngemuva kokhetho olwedlule futhi usephakamise u-Odinga kwesobuMengameli. Ukuveza amandla nentshisekelo kukaRuto kukhombisa ukungeneliseki okusabalele kuKenyatta ngisho nasezingxenyeni zezwe lapho uMengameli ake ashanela khona wonke amavoti.

NgeSonto ilungu leqembu likaRuto uJohnson Sakaja uwine njengombusi omkhulu  enkabeni yedolobha lase-Nairobi elicebe kakhulu futhi elinabantu abaningi ezifundeni ezingu-47.

NgoMgqibelo i-agent enkulu kaRaila Odinga uSaitabao ole Kanchory ubambe umbhobho wamemezela ukuthi i-Bomas of Kenya iyindawo yobugebengu ngaphambi kokuba izikhulu zicime umbhobho wakhe.

Amanxusa eqembu axabana wodwa, namaphoyisa kanye nezikhulu zokhetho ngesikhathi ezama ukuhudulela isikhulu esisodwa ngaphandle.

Kusatshalaliswe izithombe zezinxushunxushu, kwanxuswa abaholi ukuba bakhule ngengqondo. 

Izihloko zakamuva