Lube impumelelo elokusoka e-Limpopo

Elmon Tshikhudo

Imndeni eminingi e-Limpopo yenze imicimbi ngempelasonto yokwamukela amadodana ayo abuya ezikoleni zokusoka esifundazweni sonke.

Izikole ezivulwe kabusha ngenyanga edlule ngemuva kokumiswa iminyaka emibili ngesikhathi sokubheduka kwe-Covid-19 zidonse izinsizwa eziningi  nabafana.

Kulo nyaka kusabikwe umuntu oyedwa oshonile. Inombolo ivamise ukuba phezulu kakhulu njengoba izinkinga zezempilo zingavela ngemuva kokusoka, ikakhulukazi uma kwenziwa umuntu ongeyena uchwepheshe. Abaningi baphinde banqotshwe ukuphelelwa amanzi emzimbeni njengoba kungavumelekile ukuphuza amanzi okuyinqubo yakhona. 

Leli siko lakudala libaluleke kakhulu emiphakathini eminingi. Kokunye owesilisa ongasokile akakwazi ukuhlala phansi axoxe ngezindaba ezithinta umphakathi wakubo nabanye besilisa.

Kulo nyaka uhulumeni wase-Limpopo ugunyaze izikole zabafana ezingu-680 nezamantombazane ezingaphansi kuka-200 ebezisebenza amasonto amane ngaphambi kokuba zivalwe ngoLwesihlanu.

Lo Mgqibelo bekuwumcimbi wabo wokuthweswa iziqu.

Esinye isikole ebesiyigxenye yalokhu sise-Hamasia kuMasipala wase-Collins Chabane.

Lesi sikole singaphansi kukaMashudu Tshikororo ongumakadebona ongudokotela wendabuko osebenza ngaphansi komholi wendabuko uThovhele Ntumeni Masia. Besinabafana abangu-60 futhi bonke babuyele ekhaya bephephile futhi bephilile.

Umcimbi wabo obumuhle ngendlela eyisimanga ububanjelwe emahhovisi endabuko ase-Masia.

Abesifazane abebehamba ngamabele bebedansa bejabula. Abanye besifazane base-Khadzi abebegqoke imvunulo yesi-Venda nabo banezele ngokuqhakazisa l omcimbi.

Ekhuluma ngesikhathi kuqhubeka lo mcimbi uDkt Mashudu Dima ongungoti wendabuko ohlonishwayo kuzwelonke unxuse abazali ukuthi babuyele ezimpandeni zabo ngokuyisa izingane zabo ezikoleni zesintu uma zizonqoba isihlava sodlame lwasekhaya.

“Nizishiyile izimpande zenu ingakho nje izinto zixubene emphakathini namuhla, amadlozi ethu asilahlile siyoze sibuyele ezimpandeni zethu izingane zethu zizohlezi ziyinkinga njengoba zingeke zikhule ngaphansi komthetho,” kusho uDkt Dima. 

UMasia unxuse abazali ukuthi bakhuthaze izingane zabo ukuthi ziwathathele phezulu amasiko abo.

“Ziqhenyeni ngemikhuba namasiko enu nifunde ngawo ngoba lokho kuzonakha abantu abaqotho kusasa. 

“Kulaba abazongena ebudodeni lokhu akubaniki imvume yokungena ezintweni ezingezinhle kulo mphakathi.

“Lokhu kusiza ukubakhulisa babe ngamadoda angempela.”

UTshikororo ubonge abazali ngokumthemba ngezingane zabo.

“Silapha ukuzobonga zonke izingane zibuye ziphephile futhi sikwenze konke obekufanele. Asingabazi ukuthi nizolibona ushintsho kubona.”

Ngemuva komcimbi abazali bagoduke nezingane zabo.

Izihloko zakamuva