Arthur Greene
Ezinyangeni ezine ezedlule ubeyindoda enamandla kakhulu emhlabeni, kodwa manje uphenywa njengesigebengu.
“Sazise iNhlangano iTrump Organisation ukuthi uphenyo lwethu ngale nhlangano akuselona olomthetho nje kuphela,” kusho uFabien Levy, okhulumela ihhovisi lommeli-jikelele esitatimendeni.
Lesi simemezelo sizwakale ngoLwesibili ukuthi babephenya ngenkuthalo iTrump Organisation ngobugebengu.
Lowo owayengumengameli ubhekene nezinsolo zokuthi iTrump Organisation ikhuphule ngamanga ukulinganiswa kwezakhiwo ukuze ithole imali mboleko enkulu futhi yehliselwe nentela.
Umphenyi womphakathi wase-New York uLetitia James, ubephenya mayelana nenhlangano kusukela ngowezi-2019 kodwa kuleli sonto seludlulele kuphenyo lobugebengu.
Ngenkathi ebhekene nezinsolo zobugebengu njengomengameli, uTrump wathi “ungumuntu omsulwa kunabo bonke abake baphatha leli hhovisi.”
Kunezinsolo eziningi zokusebenzisana okungcolile nenkohlakalo ezungeze uTrump, futhi kubonakala kukhula njalo ngesonto.
Izinkinga zakhe zomthetho bezilokhu zinqwabelana, futhi le ntuthuko yakamuva iba uphenyo lwesithathu olwaziwa ngobugebengu kumholi wangaphambilini wezwe.
Ihhovisi lommeli wesifunda sase-Manhattan uCyrus Vance beliphenya ngokusebenzisana kwezimali kwalowo owayengumengameli isikhathi esingaphezu kweminyaka emibili.
Uphenyo lukaVance luqale ngemuva kommeli wangaphambilini kaTrump, uMichael Cohen, owakhokha imali ngowezi-2016 ukuthulisa abesifazane ababili kubalwa ne-pornstar uStormy Daniels, maqondana nokusolwa ngokuhlangana ngokocansi noTrump.
Ngokunjalo, uphenyo lukaLetitia James luqale ngemuva kokuthi uCohen efakaze enkantolo ukuthi izitatimende zezezimali zikaTrump zazisetshenziselwa ukonga imali kwizimalimboleko noma ukwehlisa intela yakhe yezindlu.
UCohen, owake wathi engamfela uTrump, manje udonsa isigwebo seminyaka emithathu ngemuva kokuvuma icala ngowezi-2018 ngokukhankasa ukwephulwa kwezimali kanye namanye amacala.
Umthombo wesithombe: @AP