“Lokhu kumosha impilo yezingane zami”

Mkhuseli Sizani

UNtomboxolo Nyendwana uchithe uhhafu wonke wempilo yakhe elwela ilungelo lakhe lokuzalwa: umazisi.

Manje wesaba ukuthi izinkinga zakhe zizodlulela esizukulwaneni esilandelayo.

Kusukela NgoNtulikazi wakulo nyaka, izingane zakhe ezintathu azikasitholi isibonelelo semali yesondlo sezingane ngoba izigxivizo zakhe zeminwe nenombolo kamazisi akukho eMnyangweni Wezasekhaya.

Uthe:

• Indodana yami ineminyaka eyi-18

• Ubhaliswe esitifiketini sakhe sokuzalwa njengomuntu wesifazane

• Bekufanele ngikhokhe ama-R400 kudokotela ukuze aqinisekise ubulili bakhe

UNtomboxolo uthi, lesi simo sithinte imfundo yezingane zakhe.

“Indodakazi yami eneminyaka eyisithupha eyenza ebanga loku-1, ayisayi esikoleni ngoba anginayo imali yokumenzela umphako. Ngikweleta omashonisa izi-R6,000.

“Akukho lapho engingathola khona usizo.”

Uthe, ezinyangeni eziyisithupha ezedlule zomvalelo eNingizimu Afrika, bekunzima kakhulu.

“Angizange ngizihluphe nangokufaka isicelo samaphasela okudla ngesikhathi kuwumvalelo ngoba umazisi anginawo.

“Angikwazanga ukuya eMnyangweni Wezasekhaya ukuyolungisa le nkinga ngoba omazisi benziwa kuphela ngesikhathi sesigaba sokuqala somvalelo.

“Mina nezingane zami sabhekana nobunzima ngesikhathi somvalelo,” kusho uNtomboxolo.

Imenenja yoMnyango Wezasekhaya eMpumalanga yeKapa uGcinile Mabulu uthe: “Udaba lusemaHhovisi Amakhulu. Uma sesilulekwe ngalo, sizonazisa.”

Izihloko zakamuva