Dylan Bettencourt
Elinye lamapulazi amakhulu ezithelo ze-passion fruit lakuleli lizothuthela umsebenzi walo e-Ghana ngenxa yokulahlekelwa imali evela kubaphathi bakwa-Transnet.
Ipulazi elise-Mpumalanga i-Roslesia Farming linezindawo ezihlukene ezingu-200 ezitshalwe i-granadilla.
Umnikazi wepulazi uCharles Rossouw utshele i-Farmers Weekly ukuthi indawo okulinywe kuyo izithelo izoshintshwa ibe ipulazi le-macadamia njengoba amantongomane engadingi imali eningi.
URossouw uchaze ukuthi ukuhanjiswa kwezithelo kunzima okwenza izithelo zigcine zonakala ngenxa yokubambezeleka ukuhanjiswa. Lokho kuholele ekutheni ipulazi lilahlekelwe izigidi zamarandi nyakenye.
Le nkampani izothuthela e-Ghana njengezwe lokusebenza ngenxa yesimo sezulu kanye nokuba seduze kwayo ne-Europe.
Izinkampani i-Tema ne-Takoradi zino-80% wezohwebo zezwe ezidlula kuwo njengoba zombili zisanda kuthuthukiswa.
Ukuthuthukiswa bekuhloswe ukwandiswa nokusebenza okunempumelelo ekuhambiseni izithelo.
Inkampani i-Tema ibe nkulu kakhulu eNtshonalanga naseNkabeni ye-Afrika ngo-2020 yathola ingxenye ka-R15 billion ukuze ithuthukiswe.
Ipulazi le-granadilla akulona lodwa ipulazi lezithelo kuleli elike lahlupheka ngenxa yokusebenza kabi.
Ngonyaka odlule imboni yezithelo yama-olintshi yaba nokuphazamiska kulandela ukuhlaselwa kwe-inthanethi kwa-Transnet, okuyibo ababhekele ukuhwebelana kwezitimela, ukuthuthwa kwezithelo kanye nokunye.
Lokhu kuhlasela kuthinte izindawo ezinkulu zokuthuthwa kwezithelo eThekwini, e-Ngqura, e-Gqberha naseKapa.
Izithiyo zokuthumela ngaphandle nezokusebenza ziphoqe intengo yewolintshi ukuthi yehle, okubangele ukugcwala ngokweqile kwezithelo.
Umthombo wesithombe: @BusinessInsider