Lizoqondiswa izigwegwe iphoyisa ebelidansa likhothile enkundleni yezemidlalo

Kamogelo Olaitan

Lizoqondiswa izigwegwe iphoyisa  okusolakala ukuthi beliqhuba imbuzi elibonakale lidansa ligqoke umfaniswano enkundleni yezemidlalo i-Orlando emdlalweni obuphakathi kweSundowns ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo.

Kwividiyo esabalale ezinkundleni zokuxhumana, leli phoyisa libonakala lidansela isixuku esijabulayo. Ngokuhamba kwesikhathi likhishwe isikhulu somdlalo enkundleni.

Esitatimendeni samaphoyisa okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uColonel Athlenda Mathe uthe iphoyisa elisebenza ophikweni lwe-South African Police Service Rapid Railway Unit, lifike emsebenzini lidakiwe ngoMgqibelo ekuseni.

Uphucwe izikhali umphathi wakhe wamkhipha emsebenzini wamphindisela ekhaya kodwa iphoyisa laqonda enkundleni yezemidlalo lafike lagasela enkundleni lajabulisa izihlwele ngokudansa.

UMathe wengeze ngokuthi isimo kanye nesithunzi sebheji lakwa-SAPS nomfaniswano kufanele ngaso sonke isikhathi kuvikelwe ngokuzigqaja.

“Abaphathi bakwa-SAPS babheka ukuziphatha okungafanele kwelungu ngendlela ebucayi. I-SAPS ngeke inanaze ukujezisa ilungu layo uma litholakala ukuthi lense okuphambene nomthetho,” esho.

Izihloko zakamuva