
Razeen Gutta
Lizofakwa endalini ijezi likaDiego Maradona aligqoka ngonyaka ka-1986.
Ijezi lalowo owayengumdlali wase-Argentina ayeligqoka ngesikhathi sama-quarter-final eNdebe Yomhlaba ye-FIFA bedlala ne-England lizothengiswa ngemali engu-R77 million.
Umpetha webhola owayegqoka inombolo yeshumi yodumo, owashona ngoLwezi ngo-2020, washaya igoli lokulinganisa ekhipha i-England eNdebeni yoMhlaba kanti womabili amagoli akhunjulwa ngezizathu ezahlukene.
Elinye kwakuyigoli elimangalisayo alishaya yedwa njengoba uMaradona ethathe cishe lonke uhlangothi lwe-Three Lions ukuze aqhubeke nokushaya amagoli, kodwa kukhona igoli eladuma abalibiza ngokuthi “Isandla sikaNkulunkulu”.
Owayengumdlali wasesiswini we-Nottingham Forest kanye ne-England, uSteve Hodge, washaya ibhola endleleni kaMaradona kwathi lo mdlali wase-Argentina walifaka enethini ngekhanda washo ngemuva komdlalo ukuthi leli goli belilincane kakhulu kwikhanda likaMaradona, futhi belilincane kwisandla sikaNkulunkulu.
UHodge waqhubeka nokushintshanisa ijezi noMaradona ngemuva komdlalo waligqoka isikhathi eside waze wanikela ngalo kwi-National Football Museum e-Manchester eminyakeni engamashumi amabili edlule.
Ijezi elinesandla sikaNkulunkulu linencazelo ejulile emhlabeni webhola, kubantu base-Argentina, kanye nabantu base-England, futhi nginesiqiniseko sokuthi umnikazi omusha uzoba nokuziqhenya okukhulu ngokuba nejezi lebhola lezinyawo eliwuphawu lomhlaba wonke,” kusho uHodge etshela i-The guardian.
Leli jezu lizofakwa endalini e-Sotheby ngomhlaka-20 kuMbasa futhi abantu bazokwazi ukulibona ngosuku lwendali e-London gallery.
Leli jezi lichazwa ngokuthi lisesimweni esihle kakhulu njengoba i-Sotheby isho kwiwebhusayithi yabo ithi lihambisana nokusetshenziswa kwalo, ukujuluka kanye nokudabuka kancane kwintambo engxenyeni engaphambili yejezi, namabala amancane akhombisa ukuthi kade lasebenza.”
Leli jezi lingase libe ijezi lezemidlalo elimba eqolo kunawo wonke aseke aba khona , uma lingadlula inani lejezi likaBabe Ruth le-Yankees lase-New York elathengiswa ngo-$5.6 million (okungu-R82 million) endalini ngo-2019.
Umthombo wesithombe: @TheGuardian