Lizishonele izigebengu ebeziqola egameni likamasipala

Karabo Rammutla

Njengoba uMasipala wase-Tshwane ucishela labo abawukweletayo ugesi namanzi, abakhwabanisi banqume ukuthi bazokwenza imali esheshayo ngalesi simo.

NgoLwesithathu amadoda amabili aye e-Nellmapius azenza izikhulu zikamasipala wase-Tshwane. Bangene ezindlini befuna ukukhokhelwa yilabo abakweleta umasipala base besabisa ngokuthi bazocisha ugesi namanzi uma bengayikhokhi inhlawulo ka-R800.

Kodwa babe sebengqongqoza endlini obekungafanele baye kuyo.

Ngesikhathi beya emzini wowayesebenza kaMasipala, owesifazane osethathe umhlalaphansi ubabuze imibuzo futhi ngokushesha waqaphela ukuthi la madoda amabili angamaqola.

Samsung Galaxy 14G

Wamema la madoda amabili ukuthi angene ahlale phansi endlini ukuze akwazi ukuya kwi-ATM ukuyowakhiphela imali.

Kodwa lona wesifazane uye wangena indlu ngendlu exwayisa abahlali  okuthe ngemuva kwalokho kwavele kwashuba.

Umhlali wendawo uMatlakala Moufhe uthe bonke abakhokhile bazile bazoshaya la madoda ayizigebengu.

“Abanye abahlali bashayele umasipala ucingo ngoba bebona ukuthi la madoda amabili azobulawa, kanti abanye babhoboze amasondo emoto yabo ngesikhathi beshaywa,” esho.

Uthe wonke umuntu ubuyiselwe imali yakhe.

“Ngicabanga ukuthi bake bakwenza ngaphambilini futhi uma bekhishwa bazophinde bakwenze,” esho.

Omunye umhlali uthe nakuba esolile ukuthi la madoda angamaqola ngenxa yokuphimisa kwabo njengabokufika kuleli uye wawakholwa.

“Bebegqoke umfaniswano kamasipala futhi bebonakala bewazi ugesi. Ngibatshele ukuthi nginohlelo lokukhokha nomasipala kodwa bangisabisa ngokungicishela ugesi namanzi. Ngiye ngaphuthuma ukuyoboleka imali kumashonisa ukuze ngibakhokhele,” esho.

Uthe uye wakholwa ukuthi uma kucishelwa amahhotela amakhulu njenge-Sheraton neminyango kahulumeni kusho ukuthi naye engacishelwa.

Okhulumela amaphoyisa kaMasipala wase-Tshwane u-Isaac Mahamba uthe laba ababili baboshelwe ukukhwabanisa nokuzenza izikhulu kwase kushaqwa nemoto yabo.

Uthe bazovela enkantolo maduze.

Scrolla World Cup Quiz