Liyavuthwa ibhodwe eliphekwa uHunt kuSuperSport

Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt usezakhele igama emakethe yokuthengwa kwabadlali, kubhala uMichael Madyira.

Ngaphambi kwesizini edlule uGavin Hunt akakaze akhiphe ngisho isenti ukuthenga abadlali kodwa iSuperSport United igcine ephonsela iMamelodi Sundowns inselelo embangweni wesicoco se-Premier Soccer League.

UHunt ubethembele kubadlali bamahhala, ababolekiwe kanye nalabo abakhushulelwe eqenjini leSuperSport ukuthi bazokwakha iqembu elizonqoba yize elahlekelwe abadlali abamqoka abaye kuSundowns.

Usephinde wabuyela kulokho okujwayelekile kuleli windi lokudayiselana ngabadlali kanti kuze kube manje useqinisekise abadlali abayisishiyagalombili abafikile.

Lo mqeqeshi weSuperSport ubelokhu esayinisa abadlali ngobunono njengoba eqale ngomdlali wasemuva kwesokunxele uRonald Pfumbidzai ngesikhathi esalelwe izinyanga eziyisithupha zokugcina enkontilakeni yakhe neChippa United.

Ube esesebenzisa ithuba lokuthi uPhathutshadzo Nange akahlalisekile kahle kuKaizer Chiefs noSiphesihle Ndlovu obhekene nekusasa elingaqondakali ku-Orlando Pirates.

Lo mqeqeshi (59) uphinde waheha uWashington Arubi phakathi kwamahlebezi okuthi lo nozinti ulibhekise kuSekhukhune United.

UHunt uthathe ithuba lokuhlwitha uGrant Margeman njengoba kuvela ukuthi angahle ahambe kuSundowns .

Ukuthola u-Etiosa Ighodaro obolekwe kuSundowns kungenye yezinto eziphusile ezenziwe uHunt.

Ukuya e-Tanzania ukuyothenga umdlali wasemuva u-Abdulrazak Hamza (20) kubukeka kuyisinqumo esiphusile.

Lo mqeqeshi weSuperSport ube esenza into engakaze ibonwe kumasizini adlule ngesikhathi ehlwitha umgadli wePirates uTerrence Dzvukamanja.

Kudingeka ubuhlakani ukukholisa umdlali osezingeni eliphezulu ukuthi alahle iqembu elikhulu lebhola njengePirates azodlala ibhola le-CAF Champions League ngekota ezayo.

Lolu hlobo lokudayiselana ngabadlali kweSuperSport akuyona nje kuphela into okumele yenziwe amaqembu anesabelomali esiqinile kodwa kumele kwenziwe iChiefs nePirates emzamweni wabo wokuphonsela  iSundowns inselelo.

Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weSuperSport United uGavin Hunt

Umthombo wesithombe: SuperSport United

Izihloko zakamuva