Liyathuthuka elesibhuda eSpain

Dylan Bettencourt

Siyathusa isibalo sabantu abakade behambele umdlalo we-Uefas Champions League webhola labesifazane. 

Umdlalo wama-quarter final we-Uefa Champions League phakathi kweqembu labesifazane le-Barcelona ne-Real Madrid ubuhanjelwe abantu abangu-91,553 enkundleni yase-Camp Nou ese-Barcelona, e-Spain.

Lokhu kwephula irekhodi langaphambilini labantu abangu-60 739 abaya enkundleni ngonyaka ka-2019 futhi kugqamisa ukuthuthuka komdlalo wabesifazane eminyakeni yakamuva.

Nakuba ibhola labesifazane belilokhu lidlondlobala, kuzwakala sengathi lisabekwe eceleni alinakiwe ngokwanele, kodwa i-El Clasico yabesifazane ngokungangabazeki izoletha izinguquko.

Kulo mdlalo i-Barcelona ishaye i-Real Madrid ngamagoli amahlanu kwamabili yadlulela ku-semi final kowe-Champions League ngokunqoba ngamagoli ayisishiyagalombili kwamathathu sekuhlanganiswe wonke amaphuzu.

“Anginawo amazwi okuchaza,” kusho owine i-Balon d’Or u-Alexia Putellas.

“Bekufana nomlingo omkhulu uma sibona abalandeli bengafuni ukuhamba ngemuva komdlalo.”

Ukwenza lesi sikhathi sibe mnandi kakhulu, bekungokokuqala ukuthi iqembu labesifazane lidlale e-Camp Nou nabalandeli bekhona.

Iqembu labesifazane le-Barcelona lijwayele ukudlala imidlalo yalo yasekhaya enkundleni yase-Johan Cruyff emumatha abalandeli abangu-6,000 kuphela, kodwa bafakazele ngoLwesithathu ebusuku ukuthi bangaletha ukwesekwa okukhulu okufanayo nabesilisa.

Nakuba amathikithi edayiswe ngentengo ephansi futhi kwezinye izikhathi ayekhishwa mahhala, umdlalo phakathi kwamaqembu amabili abesifazane ubonise ukuthi angakwazi ukujabulisa isixuku sabalandeli.

Ibhola labesifazane balithathwa njengo mqhudelwano ongajabulisi kunozakwabo besilisa, futhi ukudlala kwabo ngokuzimisela kungaletha inguquko kanye nesiqalo esisha.

Umbiko wangoMbasa odlule wathola ukuthi izibalo zababukeli bomdlalo wabesifazane zingase zenyuke ngo-350% njengoba abalandeli sebenentshisekelo yokubuka ibhola labesifazane.

Mhlawumbe ngelinye ilanga izigaba ezimbili zomdlalo zizosebenzisana.

Umthombo wesithombe: @FCBarcelona

Scrolla World Cup Quiz