Liyaqhubeka olokuqoka uMengameli we-Safa

Menzi Magubane

Ukhetho lokuqoka UMengameli we-South African Football Association (Safa) luzoqhubeka njengoba bekuhleliwe ngomhlaka-25 kuNhlangulana ngemuva kokuthi iNkantolo eNkulu yasePitoli ichithe isicelo esiphuthumayo sikaRia Ledwaba sokumisa lolu khetho.

IJaji uBrenda Neukircher linqume ukuthi isicelo sihoxiswe ngenxa yokungabi nobufakazi obugcwele bokuthi kungani kumele lolu khetho lumiswe. Uphinde wanquma ukuthi uLedwaba akhokhe zonke izindleko zeNkantolo kubika i-TimesLive.

ULedwaba oyiPhini likaMengameli we-Safa uzongenela ukhetho ngoMgqibelo ozayo eqhudelana noDanny Jordaan noSolly Mohlabeng onguMengameli we-Safa e-Tshwane.

Kodwa-ke ngoLwesibili olwedlule ufake isicelo sokuvimbela lolu khetho okumangaze abaningi ngezinsolo zokungahambisani nomthethosisekelo kanye nezinqubo zalo. 

Ngosuku olulandelayo uLedwaba ubize umhlangano nesithangami sabezindaba ophuthumayo e-Soweto wafike waphumela obala ngokuthi akasoze ahlehla ezinhlelweni zakhe zokubhekana noJordaan okhethweni.

“Angisoze ngahlukunyezwa ngumuntu angeke futhi ngivume ukulawulwa inoma ubani, ngizohlonipha umthetho we-South African Football Association kuphela. 

“Njalo uma ukhuluma kumele usho ukuthi yimiphi imithetho ekutshela ukuthi wenze njalo. Uma ufuna ukuthumela okuthize kumele ukwenze ngomthetho,” kusho uLedwaba ngesonto eledlule.

Ukuchithwa kwesicelo sakhe yiNkantolo angeke kwehle kahle kuLedwaba nalabo abamesekayo. 

Uma enquma ukuludlulisela phambili lolu daba, mhlawumbe eNkantolo eLawula eZemidlalo (CAS) kuzobe kungasikho okokuqala.

I-CAS ike yamlahla ngenyanga edlule ngemuva kokuba efake isikhalazo mayelana nezinguquko zoMthethosisekelo we-National Executive Committee.

Ngaphambi kokuthi aye kwi-CAS walahlwa i-CAF ne-Fifa.

ULedwaba uzimisele ngokususa uJordaan esikhundleni sokuba nguMengameli we-Safa, kodwa njengoba kunezingqinamba eziningi abhekene nazo kubukeka sengathi uMengameli okhona angeke aphume esikhundleni sakhe.

Umthombo wesithombe: @Goal

Izihloko zakamuva