Liyaqhubeka nokwehla izinga lamandla emali eNigeria 

Lubhalwe nguMary Izuaka

Izinga lokwehla kwamandla emali e-Nigeria likhuphuke lafinyelela ku-22.22% ngoMbasa lisuka ku-22.04% ngenyanga edlule, kusho i-National Bureau of Statistics ngoMsombuluko.

Ihhovisi elikhipha izibalo lithe izinga lokwehla kwemali ngoMbasa ngo-2023 linyuke ngo-0.18% uma liqhathaniswa noNdasa ka-2023.

Ngokwesisekelo sonyaka; izinga lokwehla kwamandla emali libe ngamaphoyinti angu-5.40% ngaphezu kwesilinganiso esirekhodiwe ngoMbasa nyakenye esasingu-16.82%.

“Lokhu kukhombisa ukuthi izinga lokwehla kwamandla emali eliphambili ngonyaka nonyaka lenyuke ngoMbasa nonyaka uma liqhathaniswa nenyanga efanayo onyakeni owandulele uMbasa nyakenye 2022. 

Ngokombiko izinga lentengo yokudla lenyuke lafinyelela ku-24.61% ngoMbasa lisuka ku-24.46% ngoNdasa.

Ukwehla kwamandla emali kusalokhu kuphezulu e-Nigeria, okwenza iBhange Elikhulu likhuphule amanani enzalo afinyelele emazingeni awo aphezulu cishe eminyakeni engamashumi amabili.

Emkhankasweni onamandla yokwehlisa ingcindezi yezwe yokwehla kwamandla emali, iBhange Elikhulu ngoNdasa, lenyuse izinga lalo lokuboleka laba ngu-18%.

Izinga eliphezulu lokwehla kwamandla emali, ukukhula kancane komnotho kanye nezinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi ngezinye zezinselelo ezibhekene nomnotho omkhulu wase-Afrika njengoba uMengameli omusha elungiselela ukuthatha izintambo ekupheleni kukaNhlaba.

Izinga lokwehla kwamandla emali ngoMbasa kulo nyaka  lalingu-24.61% unyaka nonyaka, okwakungu-6.24% ngamaphuzu aphezulu kunezinga elaqoshwa ngoMbasa nyakenye (18.37%).

Lesi sikhungo sithe ukunyuka kwentengo yokudla kudalwa ukwenyuka kwentengo kawoyela namafutha, isinkwa,ukudla kwasekuseni, izinhlanzi, amazambane, i-yam, izithelo, inyama, imifino kanye ne-spirit.

Ukwenyuka okuphezulu kuqoshwe ezintengo zegesi, ukuthuthwa kwabagibeli ngendiza, uphethiloli owuketshezi, izinsimbi zemoto, uwoyela, ne-lubricant yezinsimbi zezimoto ezithutha abantu, izinsizakalo zezokwelapha, ezokuthutha abagibeli kanye nokunye. 

Izihloko zakamuva