Liyaqhubeka nokuthola umholo ikhansela eliboshiwe

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Sekuphele izinsuku umphakathi wasemijondolo yase-Cato Manor ungenawo amanzi ahlanzekile. Khonamanjalo ikhansela labo lihleli ejele ngecala lokubulala – futhi lihola u-R50 000 ngenyanga.

Cishe sekuphele unyaka ikhansela le-ANC uMuzimuni Ngiba ehlezi ejele e-Westville ngecala lokubulala omunye usopolitiki we-ANC.

Sekuphele izinsuku izakhamizi ewadini leshumi kuMasipala weTheku zingawatholi amanzi ahlanzekile. Njengoba uNgiba evalelwe ejele abanalo ikhansela abangalibikela lolu daba.

Inkinga yamanzi isiqubule intukuthelo kuziphathimandla zaseThekwini okumele zikhiphe noma yiliphi ikhansela emholweni kamasipala uma lingekho emihlanganweni yomkhandlu engaphezu kwemithathu.

Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnu Zwakele Mncwango usecele incazelo ngokushesha kuSomlomo womkhandlu uMnu Thabani Nyawose ngokuthi kungani uNgiba esakhokhelwa.

“Sifuna kuphenywe ngendlela efanele ngalolu daba ngoba kuyacaca ukuthi kunezipoki ezikhona kumasipala njengoNgiba,” kusho uMncwango etshela i-Scrolla.Africa.

UNgiba waboshwa ngemuva kwezinyanga ezimbalwa eqokwe njengekhansela nyakenye – ngezinsolo zokubulala owayengenele isikhundla sokuba ikhansela le-ANC, uMnu Siyabonga Mkhize ukuze azicabele indlela yokuba athathe isikhundla sikaMkhize sobukhansela okhethweni lohulumeni basekhaya lwango-2021.

UMkhize wadutshulwa wabulawa ngoMfumfu ngo-2021 ephuma ukuyokhankasela i-ANC.

Emngcwabeni wakhe uNgiba ubekhala kunabo bonke futhi ebeyindoda ethenjwa kakhulu ngabakwaMkhize. NgoNhlolanja i-ANC yafaka uNgiba esikhundleni sakhe – kodwa waboshwa ngasekupheleni kwaleyo nyanga ngecala lokubulala uzakwabo.

USotswebhu we-DA, uMnu Thabani Mthethwa uthi uMkhize uholelwa isigamu sesigidi – cishe u-R600 000 ngonyaka – njengoba eboshiwe. NgoLwesihlanu, i-DA yethule isiphakamiso sokuthi uNgiba akhishwe emkhandlwini kanti kulindeleke ukuthi lesi siphakamiso sidingidwe emhlanganweni olandelayo.

UMthethwa uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi umphakathini wasewadini leshumi ubhekene nobunzima bokungalethwa kwezidingongqangi njengokushoda kwamanzi futhi awunalo ikhansela elibhekelela izinkinga zawo.

Okhulumela umasipala weTheku uNksz Lindiwe Khuzwayo uthe kunezinhlelo eziqhubekayo zokususa uNgiba wathi lolu daba lusetshenzwa uSomlomo uNyawose.

Esithombeni esingenhla: I-ActionSA ibambe umbhikisho eHholo likaMasipala weTheku lifuna kukhishwe ikhansela uMuzimuni Ngiba.

Umthombo wesithombe: ActionSA

Izihloko zakamuva