Celani Sikhakhane
Owayengumholi we-EFF uMagdalene Moonsamy ukhishwe eNkantolo ngesikhathi kulalelwe icala lokubulala uSenzo Meyiwa njengoba omunye wabasolwa ethe abaphathekile kahle ngokuba khona kwakhe.
UMoonsamy ufike eNkantolo eNkulu yasePitoli ngoMsombuluko ekuseni ezothamela ukuqulwa kwecala lokubulawa kukakaputeni weBafana Bafana ongasekho.
UMeyiwa owayeneminyaka engu-30 wadutshulwa wabulawa ngesikhathi esekhaya lakubo kwentombi yakhe engumculi uKelly Khumalo e-Vosloorus e-Ekurhuleni ngonyaka ka-2014.
UMzikawukhulelwa Sibiya, uBongani Sandiso Ntanzi, uMthobisi Prince Ncube, uMthokoziseni Ziphozonke Maphisa noSifiso Ntuliare kumanje babhekene necala lokubulala. Bonke laba besilisa abahlanu bawaphikile amacala eNkantolo eNkulu yase-Gauteng ePitoli ngoLwesihlanu.
Ummeli wabasolwa uthe abaphathekile kahle ngokuba khona kukaMoonsamy eNkantolo ngoMsombuluko njengoba ezokwazi ukuthola eminye yemininingwane eyimfihlo ekufanele ingaphumeli ngaphandle.
IJaji uThifhiwa Maumele utshele uMoonsamy ukuthi ahambe kuleli cala ngoba kukhona elimhlanganisa nakho.
“UMoonsamy uyathinteka ndlela thize kuleli cala. Uma ulalela isifinyezo esibhalwe lapha kuyacaca ukuthi uzoba nentshisekelo kukho konke okushiwo lapha. Ngiyavuma ukuthi uMoonsamy akhishwe ngaphandle,” kusho uMaumele etshela iNkantolo.
Ummeli kammangalelwa uMalesela Teffo uthe ufuna uMoonsamy akhishwe unomphela ekuqulweni kwaleli cala kodwa iNkantolo yanquma ukumkhulula okwesikhashana ukuze kukhulunywe imniningwane eyimfihlo kulelicala.
UTeffo uthe kuyingozi ukuthi uMoonsamy abe ngumqaphi ngoba imininingwane ebekwe phambi kweNkantolo ingase isetshenziswe nguKhumalo njengofakazi wombuso.
NgoMsombuluko iphoyisa uSayitsheni Thabo Mosia owathatha izithombe ngemuva kwesigameko sokubulala ubizwe njengofakazi wokuqala.
Ummeli we-AfriForum oyiJaji uGerrie Nel ubekhona ekuqulweni kwaleli cala njengoba belisaqhubeka.
I-AfriForum ithintwe umndeni wakwaMeyiwa ukuze ushushiswe ngasese ngemuva kokuzwakalisa ukungenami ngendlela umbuso olisingatha ngayo icala.