Dylan Bettencourt
Isigungu esilawula i-Formula 1 siveze ukuthi sithole i-Red Bull no-Aston Martin benecala lokwephula ukusetshenziswa kwesabelomali ngesizini yokuqala kaMax Verstappen yokuwina isicoco nyakenye.
Isabelomali sika-R2.6 million sethulwe ngesizini ka-2021 kanti i-FIA iqinisekisa ukuthi icala le-Red Bull lincane.
Icala elincane lisho ukuthi ithimba leqe umkhawulo ngaphansi kuka-5% kodwa iphesenti alikwazi ukubheka imiphumela yokuphulwa komthetho abakwenzile.
Emqhudelwaneni we-Formula 1 umshayeli wethimba le-Mercedes uLewis Hamilton ube sethubeni lokuwina isicoco somhlaba esiyirekhodi sesishiyagalombili e-Abu Dhabi ngesikhathi isigameko semoto yezokuphepha senzeka.
UVerstappen usebenzise ngokugcwele lesi sigameko esiyihlazo futhi wadlula uHamilton emlenzeni wokugcina ukuze anqobe isicoco sakhe sokuqala somhlaba.
Lokhu kunqoba kuhlangatshezwe enkulu inselelo egxeka isigungu esilawulayo ngeqhaza abalibambile nophenyo lwangaphakathi oluholele ekuxoshweni komqondisi uMichael Masi.
Njengoba abaningi benomuzwa wokuthi ukunqoba kukaVerstappen bekungafanele futhi bekuyohlale kukhunjulwa njengengxabano okutholwe kamuva nje kunezela kukho.
Mancane amathuba okuthi uVerstappen aphucwe isicoco sakhe nesijeziso sizoba ukusola noma umkhawulo ekuhlolweni kwe-aerodynamic kanye nokwehliswa kwezindleko esikhathini esizayo kubika i-Sky Sports.
Kodwa lokho okutholakele kukhomba ukuthi uVerstappen uwine isicoco sakhe sokuqala ngqa emotweni engekho emthethweni kungakhathaliseki ukuthi unendima ayidlalayo noma cha.
Kuyohlala kungaqondakali ukuthi ngabe umshayeli wase-Netherlands usazophumelela yini uma iqembu lakhe lilandele imithetho.
Kodwa njengoba abalandeli bengase bazizwe bephucwe ukwazi ukuthi isizini ka-2021 ibizophela kanjani ukube i-Red Bull ibingasebenzisanga imali ngokweqile, kungenzeka ukuthi uHamilton uzizwa kanjalo naye.
UHamilton ubesethubeni lokuba umdlali onezicoco zomhlaba eziningi emlandweni wezemidlalo kodwa lokho waphucwa emlenzeni wokugcina.
Futhi ukuthola ukuthi umdlali omphuce isicoco uyingxenye yeqembu elephule imithetho mhlawumbe lokhu kumhlukumeze kakhulu.
Nokho i-Red Bull ikhiphe isitatimende ithi iqembu limangele ngokutholakala linecala.
“Isicelo sethu nyakenye sasingaphansi komkhawulo wezindleko, ngakho kudingeka sibuyekeze ngokucophelela okutholwe i-FIA njengoba inkolelo yethu imile yokuthi izindleko ezifanele zingaphansi kwenani le-cost-cap ka-2021.
“Naphezu kokucatshangelwa nokubekwa kwabanye, kukhona uhlelo olungaphansi kwemithetho ye-FIA oluzolandelwa ngenhlonipho ngenkathi sicubungula zonke izindlela esingazikhetha,” kusho ithimba esitatimendeni.
Lokhu okutholakele kuza ngemuva kosuku olulodwa uVerstappen ethweswe umqhele we-Fomula 1 futhi ngemuva kokuwina umqhudelwano we-Japan Grand Prix.
Isithombe esinehla esaMax Verstappen
Umthombo: @Formula1