Dylan Bettencourt
Ziningi izindlela zokuthi isosha libe iqhawe kunokulwa nokubulala abantu.
Isosha lase-Zambia lenze okungafani nomsebenzi walo ngesikhathi licelwa ukuba lisize ekubelethweni kosana ensimini yommbila.
Imizamo kaLance Corporal Humphrey Mangisani, imenze wanconywa izwe lonke waphinde wanyuselwa esikhundleni sokuba ngumqeqeshi ophelele ngesenzo sakhe.
Ngesikhathi leli sosha libona owesifazane esikwa ligxumele isithuthuthu salo ukuze liyise lo wesifazane okhulelwe egumbini lezimo eziphuthumayo – kodwa wafikelwa imihelo ngaphambi kokuba bafinyelele esibhedlela.
“Kudingeke ukuthi ngimsize ensimini yommbila ngesikhathi lina izulu. Ngifake umsebenzi wami engcupheni ngokungabi khona kwi-Camp ukuze ngimsize,” uMangisani etshela i-Zambia Reports.
Leli sosha lengeze ngokuthi lisebenzise i-razer blade ukusika inkaba wabe esethatha usana kanye nomama wabayisa esibhedlela. Ngesikhathi ecelwa ukuthi aqambe ingane igama ngenhloso yokuhlonipha imizamo yakhe, uMangisani uyiqambe ngokuthi uRaymond Tembo.
Le nkosazane ithe izenzo ezifana nalezi beziyingxenye yokuqeqeshwa kwakhe ngesikhathi efundiswa ukuthi angathatha kanjani ezinto ezibucayi njengale senzo esifundeni esise-Mpumalanga ne-Petauke.
Umkhuzi wamasosha uthe unethemba lokuthi lezinto ezishiwo ngamasosha ukuthi aletha ubungozi zizoshintsha futhi ukuletha usana kuyindlela yokuguqula imqondo yabantu.
UBrigadier General Kelvin Kanguma uthe uCorporal uMangisani ukhombisile ukuthi isosha ngumuntu onosizo.
UNgqongqoshe Wezempilo e-Zambia uSylvia Masebo uthe zingaphezu kuka-100 izingane ezisanda kuzalwa ezishona isonto ngalinye njengomphumela womama abazama ukubelethela emakhaya ngenxa yokuhamba amabanga amade ezikhungweni zezempilo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.
Umthombo wesithombe: @TheStar