Lithi belizivikela iphoyisa elingqokloze uzakwabo 

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Iphoyisa lombutho we-SAPS okusolwa ukuthi lidubule labulala iphoyisa lomnyango likamasipala waseGoli (JMPD) lithe ayikho enye into ebelingayenza ngaphandle kokudubula.

Emazwini aqoshiwe aputshukile leli phoyisa lithe lidubule ngesikhathi lisongelwa ilungu lakwa-JMPD elibonakala kuvidiyo liphethe isibhamu lizama ukumkhipha emotweni.

Abazibonele lesigameko bathe la maphoyisa abe nengxabano endaweni yokupaka izimoto kweyokucima ukoma e-Braamfontein lapho la madoda ebekhona ngaphambi kokuthi kwenzeke isigameko.

Iphoyisa lakwa-SAPS lithumele izwi eliqoshiwe licacisa isizathu sokudubula iphoyisa lakwa-JMPD. Kwi-voice note lithe belifuna ukumdubula lenze isiqiniseko sokuthi liyamkhubaza.

Lesi sigameko senzeke ekhoneni ku-Juta and De Beer Street e-Braamfontein e-Johannesburg Central ngo-01.15 entathakusa. Amaphoyisa athole umbiko ngabo-1.30 ekuseni.

Iphoyisa elishonile uZikalala obesebenza ophikweni lwe-K9 ubengekho emsebenzini futhi ubesendaweni yokucima ukoma nonkosikazi wakhe ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.

Abesilisa abathathu abangaziwa okuhlanganisa nephoyisa lakwa-JMPD abebehamba ngemoto yohlobo lwe-VW Jetta emhlophe baye bamvimba ukuthi angaphumi endaweni yokupaka, kusho umbiko wangaphakathi wamaphoyisa.

“Kusolakala ukuthi kusuke ingxabano phakathi kwephoyisa likaMasipala (MPO) uZikalala nomshayeli nogcine ehlonzwe njengephoyisa lakwa-SAPS ebelingekho emsebenzini elisebenza esiteshini samaphoyisa e-Parkview.

“Engxabanweni ebishubile iphoyisa lakwa-SAPS lidubule uzakwabo wakwa-MPO uZikalala amahlandla ayisithupha esingenhla somzimba washona,” kusho isitatimende.

Esithombeni esingenhla: Iphoyisa elishonile

Izihloko zakamuva