Ikhehla (81) livaleleke izinsuku ezimbalwa emotweni yalo ngesikhathi kunesiphepho e-California futhi liyabonga ngokuthola ama-croissants abesele emotweni.
Ngemuva kokuthi leli khehla lidle imvuthuluka yokugcina kuye kwadingeka lithole ezinye izindlela zokusinda ngakho liye ladla iqhwa.
Ngomhlaka-24 kuNhlolanja uJerry Jouret uye wangena emotweni yakhe wathatha uhambo obekufanele luthathe ihora.
Utshele umndeni wakhe ukuthi uzothatha omunye umzila ngoba isimo sezulu esibi sivale imigwaqo emikhulu, kubika i-Insider.
Kodwa iqhwa lenza ukuthi kungabonakali kahle futhi liye lamphoqa ukuthi ajike angene emgwaqeni omncane lapho abhajwe khona. Ubeqhele ngamakhilomitha angaphansi kwayishumi ukusuka ekhaya.
Evaleleke emotweni yakhe kanokusho yohlobo lwe-Ford Escape uJouret akayitholanga indlela yokwenza lokho imoto yakhe eqanjwe ngakho.
Ebona ukuthi ngeke akwazi ukuphuma kule ndawo uye wabonga inhlanhla yakhe yokuthi kube nama-croissants asele emotweni.
Ngemuva kokuthi uJouret ehluleke ukubuyela ekhaya ngemuva kwezinsuku ezine umndeni wakhe uye wanquma ukuthi sekuyisikhathi sokumbiko njengolahlekile.
Elinye iqhwa libambezele ukuseshwa kodwa amaphoyisa akwazile ukufika kuJouret. Imoto yakhe ibigqibeke kakhulu eqhweni futhi amaphoyisa abecabanga ukuthi idwala.
Kodwa-ke, ngemuva kwamahora ayisithupha indiza enophephela emhlane iye yabona ukuthi imoto, uJouret wahlengwa.
Uye wahanjiswa esibhedlela sendawo ukuze ayohlolwa, kanti umndeni wakhe uthi ubemamatheka indlela yonke ebheke esibhedlela.
UJouret uhlale izinsuku eziyisikhombisa nobusuku obuyisithupha emotweni yakhe.
“Ngiyakholwa ngempela ukuthi bekuyisimangaliso,” kusho umfowabo kaJouret uJoe etshela i-Patch.
Luhlanganiswe nguDylan Bettencourt
Umhleli wezemidlalo
Esithombeni esingenhla: UJerry Jouret
Umthombo wesithombe: Inyo County Sheriff’s Office