Everson Luhanga
Ngemuva kokuthi owesilisa edubule isisulu amahlandla amathathu wasishiya ecabanga ukuthi sifile, ikhansela le-ANC ewadini uZenzele Xhinela ukwazile ukushayela imoto wafika esibhedlela kanti futhi le ndaba isiyinganekwane kuye.
Ikhansela laku-ward 41, elivela e-Seraleng Section ngase-Rustenburg esifundazweni sase-North West, lithe ngoLwesibili ebusuku indoda edubule izinhlamvu ezinhlanu, ezintathu zazo zangena emzimbeni wakhe kwathi ezimbili zamgeja.
Ucabanga ukuthi bekuwumzamo ohlobene nezepolitiki uzama ukumbulala njengoba egunyazwe ukuba aphathe ihlandla lesibili njengekhansela lewadi.
Ekhuluma embhedeni wakhe esesibhedlela, uZenzele uthe owesilisa obephethe isibhamu ubecabanga ukuthi useshonile wase eyabaleka.
“Ngizihambise ngaya emtholampilo oseduzane lapho engihlangane khona nomshayeli wetekisi engimaziyo wangiphuthumisa esibhedlela. Ngaleso sikhathi ngase ngopha kakhulu,” kusho yena.
“Nginenhlanhla ukuthi ngisindile. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngizokhishwa nini esibhedlela.”
Uthe lesi sigameko senzeke ngezikhathi zabo-8: 00 ngesikhathi eshayela imoto yakhe ephuma esangweni lakhe eyohlangana namalungu ekomidi lakhe lesigceme.
“Bengimatasa ngikhuluma nodadewethu ngivule umnyango kamshayeli ngesikhathi le ndoda iphuma ngejubane idonsa isibhamu,” esho.
“Abantu esigcemeni sami bayangithanda. Isikhathi sami esiningi ngisichitha ngokusiza abantu. Ngesikhathi somvalelo wezinga lesihlanu, ngisize amalungu omphakathi amaningi abesephelelwe ngamaphasela okudla nezidingo eziyisisekelo,” kusho yena.
IMeya Ephethe uKhansela Mpho Khunou uthe bayakugxeka lokhu kuhlaselwa.
“Sicishe salahlekelwa yikhansela lethu elizinikele kakhulu,” esho.
“Sinenkolelo yokuthi abomthetho bazobacindezela abenzi bokubi.”
Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Aafje Botma ukuqinisekisile ukuthi kuyaphenywa ngecala lokuzama ukubulala ngemuva kokuthi kudutshulwe ikhansela elineminyaka engamashumi amane esifubeni emzini walo e-Seraleng. Akukaboshwa muntu okwamanje.