Lisezandleni eziphephile ikusasa lelombhoxo

Dylan Bettencourt

Iqembu elikhulu lamaBhokobhoko lisesimweni esihle; sebetholele elakuleli izicoco ezintathu zeNdebe yoMhlaba yebhola lombhoxo kanti abalandeli babo balindele ukuthi bawine njalo uma bedlala.

Kodwa libukeka kanjani ikusasa lamaBhokobhoko?

Uma kuzoqhutshekwa nohlelo lwe-U20 Six Nations Summer Series, iqembu elincane lamaBhokobhoko nakanjani lizoqhubeka nokuwina esikhathini esizayo.

AmaBaby Boks anqobe ngo 47-27 kowamanqamu ehlula i-Wales ngoLwesibili e-Treviso, e-Italy kanti badlale ngokukhulu ukuzimisela njengoba bephume phambili ochungechungeni.

Leli qembu, eliholwa umqeqeshi uBafana Nhleko, liqede lo mqhudelwano lingahlulwanga kanti lokho ukaputeni uSacha Mngomezulu ukuchaze njengokufezeka kwephupho.

Abafana basebenze ngokukhulu ukuzikhandla, futhi kubafanele lokhu. Udumo kumele luye kubaqeqeshi abasebenze kanzima abenze umsebenzi omkhulu ukuze silungele le nselelo,” kusho uMngomezulu.

“Kuwumuzwa omangalisayo ukuma lapha  ngemuva kokudlala imidlalo emine singahlulwa. Iningi lethu belingakaze liwudlale umdlalo webhola lombhoxo, ngakho-ke sibonga kwi-World Rugby kanye ne-Six Nations ngokwenza lo mqhudelwano omuhle kakhulu. Bavumele abafana ukuthi bakhe izinkubulo ezinde zempilo.”

Nakuba umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, enenqwaba yabadlali abancane angabakhetha eqenjini elizoqala kulandela impumelelo enkulu ye-United Rugby Championship – laba abancane bazibeke esicongweni okusho ukuthi yibona okumele babhekwe.

Kungase kuphele isikhathi eside ngaphambi kokuthi siqale ukubona abadlali abangaphansi kweminyaka engu-20 begqoke ijezi lodumo lamaBhokobhoko kodwa kunethemba lokuthi ikusasa lamaBhokobhoko lisezandleni eziphephile.

Nakuba uguquko lungaphumeleli ngaso sonke isikhathi emzamweni wokuqala, kuzofika isikhathi lapho okuzodingeka khona ukuthi izihlabani zeqembu leJunior Springbok likulungele ngokusobala ukubamba amathuba alo ngezandla zombili.

Umthombo wesithombe: @JuniorSpringboks

Izihloko zakamuva