Lisenkingeni iphoyisa elidedele osolwa ngokudlwengula ngaphandle kwebheyili

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

Umseshi uSergeant Klaas Mulungwa kuthiwa udukise inkantolo ukuze asize ekudedeleni osolwa ngokudlwengula.

Wake wanconywa ngokuxazulula amacala odlame lobulili nokugwetshwa isikhathi eside ejele kwabamangalelwa.

Umseshi waseLimpopo owake wanconywa ngokuvalela abadlwenguli bezingane ejele uboshelwe inkohlakalo nokwephula umthetho.

Umseshi uSergeant Klaas Mulungwa uboshwe ngoLwesibili esemsebenzini uphiko olulwa nenkohlakalo esifundazweni kanye ne-Tactical Response Team.

Usolwa ngokuhluleka ukuphelezela umsolwa owadlwengula ukuze ayohlolwa umqondo kunalokho wamsiza ukuthi adedelwe ngaphandle kwesicelo sebheyili.

UMulungwa usebenza e-Tzaneen Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit.

Kusolwa ukuthi udukise umshushisi ngokuthi angayiphikisi ibheyili yize ayengenalo igunya lokwenza lokho.

Umsolwa owadlwengula wadedelwa ngalo lolo suku.

Ukuboshwa kuza ngemuva kophenyo lophiko olulwa nenkohlakalo eLimpopo ngesigameko sangoNhlolanja nyakenye.

UMulungwa (46), usesebenze kulolu phiko iminyaka engu-16 kanti usanda kunconywa nguKhomishana wamaphoyisa eLimpopo uLieutenant General Thembi Hadebe.

Umncome ngokuthola isigwebo seminyaka engu-110 kanye nodilikajele kubadlwenguli bezingane eziyisithupha.

Usexazulule amacala amaningi okuhlukumeza ngokobulili asezingeni eliphezulu okuhlanganisa nelomlisa oneminyaka engu-50 ubudala ogwetshwe iminyaka engu-25 ejele ngemuva kokudlwengula indodakazi yakhe angayizali eneminyaka engu-12 ubudala futhi wayifaka lapho kuthunyelelwa khona izithombe zezingane ezihlukunyezwa ngokocansi.

UMulungwa uvele eNkantolo yeMantshi yase-Ritavi ngoLwesithathu. Udedelwe ngebheyili ka-R1 000 kanti kulindeleke ukuthi abuyele enkantolo ngomhlaka-25 kuMbasa.

Osesithombeni esingenhla: Umseshi uSergeant Klaas Mulungwa.

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva