Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Lisenkingeni ikhansela le-United Democratic Movement kuMasipala i-OR Tambo e-Mthatha njengoba lisembangweni wendlu yomxhaso baze balifaka enkantolo ukuze liphume.
UNksz Lindiswa Gcilitshana kithiwa ubhekene ngeziqu zamehlo namalungu omndeni akhala ngokuthi uhleli emzini wabo ngokungemthetho.
Esinye sezakhamizi sihlebele i-Scrolla.Africa ukuthi uNksz Gcilitshana usethunyelelwe nencwadi ebhalelwe ikomiti lasemgwaqeni elilwa nobugebengu.
“Sekuphele iminyaka emibili bezama ukumxosha kulo muzi. Baze udaba balufaka ekomitini lomphakathi elilwa nobugebengu ngoba bethi uhleli ngokungafanele kulo muzi,” kusho umakhelwane ocele ukungadalulwa.
I-Scrolla.Africa sihabule ukuthi lo muzi uNksz Gcilitshana wawudayiselwa ilungu lomndeni kodwa abakubo kwalelo lungu lomndeni sebeyalwa bafuna umuzi wabo.
UNksz Gcilitshana utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngokwakhe ayikho incwadi aseyitholile yokuba aphume kulo muzi.
“Lo muzi ungowami ngokusemthethweni kodwa angifuni ukuphawula kakhulu. Ngicela uthinte ummeli wami kube nguye ochazayo. Engingakusho nje ukuthi nami njengesakhamizi saseNingizimu Afrika nginelungelo lokuba nendawo yokuhlala,” kusho uNksz Gcilitshana.
Ummeli wakhe okungu-Advocate Thanduxolo Qhina uthe udaba lusenkantolo ngakho abakwazi ukuphawula ngalo kuze kube luyaphothulwa.
“Ngicela utshele labo ukuthi njengoba udaba lusezithebeni zenkantolo, akekho onelungeo lokukhuluma ngalo esidlangalaleni. Lokho sekuyosho ukuthi sesihambele inkantolo phambili,” kuchaza uQhina.