Lubhalwe nguMichael Madyira
Umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli labangaphansi kweminyaka engu-17 uDuncan Crowie ushayele ihlombe iphini lakhe u-Aaron Mokoena njengoba iqembu lakhe ligweme ukuphuma kowe-Cup of Nations.
Owayengukaputeni weBafana Bafana, uMokoena usejoyine uCrowie ophethe izintambo emqhudelwaneni we-Afcon e-Algeria.
Kodwa elakuleli lithwale kanzima ekuqaleni njengoba lihlulwe i-Morocco ngo 2-0 lalandela ngokuwina ngo 3-2 lihlula izimbangi zalo ze-Cosafa i-Zambia.
Lihlulwe i-Nigeria ngo 3-2 emdlalweni walo wokugcina wamaqoqo ngoMgqibelo ebusuku lashiya umkhankaso walo ubheda.
“Ngibatshelile abadlali egumbini lokugqokela ukuthi angicabangi ukuthi bazehlisile,” kusho uCrowie etshela abezindaba ze-Safa.
“Abafana banikele ngakho konke abebenakho futhi ngiyababonga kakhulu ngalokho.”
Leli iqembu elinomgadli weMamelodi Sundowns uSiyabonga Mabena othola isipiliyoni ebholeni le-Premier Soccer League.
Ubukhona bukaMokoena owayengukaputeni weBafana kwiNdebe yoMhlaba ye-Fifa yango-2010 bekulindeleke ukuthi kube ugqozi.
UMokoena owaziwa ngelikaMbazo uchithe isikhathi esiningi edlala kwi-Premier League edlalela i-Blackburn Rovers ne-Portsmouth waphinde wadlala e-Belgium nase-Netherlands edlalela i-Ajax Amsterdam.
“Kuyajabulisa ukuba no-Aaron eqenjini lezobuchwepheshe,” kusho uCrowie.
“Udlale e-Afrika naphesheya kwezilwandle. Ungukaputeni weBafana odlale kakhulu kunabo bonke.
“Uma uzovakashela e-Afrika uzodinga leso sipiliyoni. Kubalulekile kuye ukuthi lokho akudlulisele kubadlali futhi ngaphambi kokuthi lokho kwenzeke uyazi ukuthi kumayelana nani konke lokhu.”
Ngemuva kokwehluleka ukuzibekisela indawo kweyomkhumulajezi, Amajimbos ebelokhu enethemba lokuthi azodlulela phambili abekwe kwamathathu ahamba phambili.
Kodwa isiphetho sabo sizonqunywa ngeSonto ebusuku emdlalweni ozobe uphakathi kwe-Cameroon ne-Burkina Faso. Ukudlala ngokulingana noma ukuwina ngamagoli amancane kuwo womabili amaqembu kulo mdlalo kuzokwenza ukuthi iqembu lakuleli libuyele ekhaya.
“Kunjalo impela. Kufanele sibe ngabadlali sihalalisele noma ngubani odlulayo futhi sibafisele konke okuhle,” kwengeza uCrowie.
Esithombeni esingenhla: Iqembu lakuleli libhekene ne-Nigeria
Umthombo wesithombe: Safa