Celani Sikhakhane
Ikhansela le-Democratic Alliance eThekwini elingadalulwanga igama lisinde ngesikhathi bezama ukulidubula ngoLwesihlanu olwedlule.
Kusolwa ukuthi izigebengu zidubule amahlandla amane efasiteleni le gumbi lekhansela bezama ukulibulala.
Nokho ikhansela belingekho egumbini lalo lokulala ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko.
I-DA ayifunanga ukudalula igama lekhansela besabela ukuphepha kwalo.
Abaholi baleli qembu kulesi sifundazwe bathe bakhathazekile ngezigameko zakamuva zokusatshiswa kokubulawa kwamakhansela abo kuMasipala wesifunda iTheku ne-Zululand.
Umholi we-DA esifundazweni uMnu Francois Rodgers uthe lesi akusona isigameko sokuqala esithinta ikhansela.
“Ikhansela kulezi zinyanga ezimbalwa ezedlule lithole izinsongo zokubulawa kanti muva nje uthole inhlamvu ibekwe emnyango wakhe. Kukho konke okwenzekile silubikile udaba emaphoyiseni,” kusho uRodgers.
“Okukhathaza kakhulu ukuthi uSotswebhu we-DA kwikhokhasi yaseThekwini, ukhansela Thabani Mthethwa sekunezinyanga ekhuluma noSomlomo we-ANC eThekwini uMnu Thabani Nyawose mayelana nezinsongo ezithinta impilo yekhansela futhi enxusa uSomlomo ukuthi alivikele,” kusho uRodgers.
Ngenyanga edlule amakhansela eTheku azwakalise izikhalazo kuNyawose emcela ukuthi abatholele abantu abazobavikela nasemahhovisi ngoba besabela izimpilo zabo, kodwa kwafana nokuthi bathela amanzi emhlaneni wedada.
Kuthiwa akakahlonzi ngisho nodaba lwezinsongo abazitholayo okuwuhlelo lokuqala ngaphambi kokuthi kunikezwe ukuvikelwa kwezokuphepha.
UNyawose akatholakalanga ukuba aphawule.
Okhulumela amaphoyisa uConstable Thenjiwe Ngcobo uthe udaba lusaphenywa, kodwa bekungakaboshwa muntu kuze kube imanje.