Lisale enkundleni okweqhawe isosha ebelizobuyela ukuzobungaza usuku lokuzalwa 

Lubhalwe nguNkhensani Mthombeni

  • U-Corporal Malesa ushone esebenzela izwe lakhe e-DRC, eshiye unkosikazi nezingane ezintathu abebehlela umcimbi wakhe wokugubha iminyaka engu-43 azalwa.
  • Umndeni uthenge izipho zokugubha kabili njengoba uMalesa ehlanganyela usuku  lokuzalwa nomkakhe uTebogo ngomhlaka-25 kuNhlolanja.

Umcimbi wosuku lokuzalwa oluhlelelwe umhlaka-25 kuNhlolanja manje sekuzoba usuku lokuzila emndenini kaCorporal Matome Justice Malesa, ongomunye wamasosha angu-14 aseNingizimu Afrika abulawe eDemocratic Republic of Congo (DRC).

Umndeni wakhe ubusuzisongile izipho zakhe futhi uhlela ukubungaza kabili, njengoba uMalesa ehlanganyela usuku lwakhe lokuzalwa nomkakhe uTebogo.

“Ngilahlekelwe umuntu ebengimethemba, besifana namawele,” kusho okhulumela umndeni uMpho Malatji. “Sobabili besazi konke ngomunye nomunye.”

UMalesa, wasesigodini saseMashishimale ngaphandle kwasePhalaborwa eLimpopo, walibhekisa e-DRC ngomhlaka-20 kuMasingana ngonyaka odlule. 

Bekufanele abuyele ekhaya kule nyanga ezogubha iminyaka engu-43 nomkakhe nezingane zabo ezintathu – amantombazane amabili nomfana oyedwa.

Kodwa manje umndeni wakhe ubhekene nobuhlungu bokulinda ukuthi isidumbu sakhe sibuye e-DRC.

“Yisikhathi esinzima emndenini, njengoba isidumbu sakhe sisase-DRC futhi kufanele sisilinde size sibuye,” kusho uMalatji.

Leli sosha belenza izifundo ze-Safety Management ngesikhathi lishona, likhombisa uthando lwalo ngemfundo nokufunda izinto ezintsha.

UMalesa ungene embuthweni ngo-2005 futhi ubeyindoda emesabayo uNkulunkulu ngokusho komndeni wakhe. 

UNdunankulu waseLimpopo uPhophi Ramathuba bekufanele avakashele imindeni yamasosha esifundazweni ngeSonto, kodwa ukuvakasha kwahlehliswa.

“Lesi sinqumo asithathwanga kalula ngoba isigungu esiphezulu siyakuqonda ukubaluleka kokweseka nokududuza imindeni ngesikhathi sosizi.

“Isigungu sisazibophezele ekumeni nemindeni futhi sizohlela kabusha ukuvakashelwa kwemindeni ngesikhathi esifanele, uma izinhlelo ze-SANDF seziphothuliwe,” kubika ihhovisi likandunankulu.

Osesithombeni ngenhla: UCorporal Matome Justice Malesa. 

Umthombo: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva