Lisagcwele izinkalo ibhungu elibulale umalume walo

Moyahabo Mabeba

Uhlalele ovalweni umndeni wase-Limpopo ngemuva kokuba ibhungu elisencane eliyisihlobo sawo lisolwa ngokugwaza libulale umalume walo.

Mhla ziwu-5 kuMasingana, ibhungu elineminyaka engu-18 labuya e-Gauteng laya emzini kamalume walo esigodini sase-Leshikishiki, e-Ga-Chuene lapho lafike lasola khona umalume nogogo walo ngokubulala uyise.

Ngokusho komndeni, ubaba waleli bhungu washona ngomhlaka-17 kuNdasa ngo-2021 ngemuva kokugula nje kodwa umsolwa yena usola ugogo wakhe kanye nomalume wakhe ngokuba yimbangela yokushona kukayise.

Umsolwa kuthiwa wagwaza umalume wakhe amahlandla amabili, umufi washonela esibhedlela sase-Lebowakgomo.

Umsolwa akakatholakali namanje kanti amaphoyisa agcwele izinkalo ayamthungatha .

Ugogo womsolwa uthe ujabule ngokusinda olakeni  lomzukulu wakhe. Kodwa umndeni usahlalele ovalweni njengoba umsolwa  esagcwele amathafa.

“Le nto eyenziwe umzukulu isithuse ngenye indlela futhi asikaze sayicabanga. Ubelokhu ekhala ngokuthi ithina esiyimbangela yokushona kukayise. Ngingayibulala kanjani indodana yami? Umalume wakhe angambulala kanjani umfowabo?” kubuza ugogo.

Uthe bayaweseka amaphoyisa ekuthungatheni umsolwa.

“Sinxusa amaphoyisa ukuthi ambophe ngokushesha ngaphambi kokuthi asiqede sonke layikhaya,” kusho ugogo.

Umalume kamsolwa uthe umshana wakhe ubamangazile ngoba ngokwazi kwabo ubenobudlelwano obuhle nomalume wakhe lo ambulele.

“ Bengimazi engumfana olungile,” kusho umalume.

“Bebefana nobaba nendodana. Ukuthi yini lena edale lesi sigameko kusazoba yindida aze atholakale asichazele ukuthi ubengenwe yini ngempela.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo, uBrigadier Motlafela Mojapelo, ukuqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokubulala kanti kusathungathwa umsolwa.

“Sicela ukufuniswa umfana osemncane ogwaze wabulala umalume wakhe. Sicela noma ngubani ongaba nolwazi mayelana nokuthi umsolwa ukuphi abikele amaphoyisa.”

Izihloko zakamuva