Liqhakazile ikusasa lomdansi we-ballerina

Doreen Mokgolo

U-Omphile Mohajane ngesikhathi esaneminyaka eyisithupha ubudala, waqala ukubuka amavidiyo e-YouTube e-ballerina nezifundo zomdanso egumbini lakhe.

Manje u-Omphile oneminyaka eyishumi usezoqhudelana enkundleni yamazwe ngamazwe emqhudelwaneni kazwelonke we-American Dance Awards e-Orlando, e-Florida, eMelika ngoNtulikazi.

Umdansi wase-Tshwane ofundiselwa ekhaya wangenela umqhudelwano wamazwe omhlaba ngoMfumfu  nyakanye emqhudelwaneni kazwelonke owawuseGoli.

Umncintiswano uhlelelwe ukunikeza abadansi ithuba lokwenza ukuxhumana okubalulekile futhi bathole  ukuchushiswa kwezobuchwepheshe njengoba beqala imisebenzi yabo.

U-Omphile uthe usebenza kanzima ukuze awine lo mqhudelwano.

“Uthisha wami wangitshela ukuthi uma ngizilolonga nsuku zonke ngingaba umdansi owaziwa umhlaba wonke,” kusho u-Omphile.

“Ngiqala njalo ekuseni ngehora lesihlanu ngizilolonge imizuzu engu-30 ngaphambi kokuba ngilungiselele ukuya esikoleni.”

Intombazanyana inethemba lokubuyisa indebe ekhaya.

“Ngisebenze kanzima futhi ngikulungele ukukhombisa umhlaba ukuthi ngazalelwa ukuba ngumdansi,” kuchaza u-Omphile.

Uyise uJustice Mohajane uthe wayazi ukuthi ukusebenza ngokuzikhandla kuka-Omphile ngelinye ilanga kuzoba nemiphumela emihle.

“Ufunde ukudansa ku-YouTube. Kusukela eneminyaka eyisithupha ubebuka amavidiyo e-ballet azame ukulingisa abadansi, ezivalele egumbini lakhe,” kusho uJustice.

“Bengicabanga ukuthi udlula esigabeni esithile kodwa akayeki ukudansa.”

Ngesikhathi umndeni ubona ukuthi indodakazi yawo iyakuthanda ukudansa bamubhalisa e-Ezintle School of Dance e-Pretoria West ekuqaleni konyaka odlule.

UJustice akazange akholwe ngento ayizwa ngezindlebe zakhe ngesikhathi etshelwa ukuthi indodakazi yakhe isiphumelele emqhudelwaneni kazwelonke.

Wayazi ukuthi unekhono kodwa wacabanga ukuthi udinga usizo olwengeziwe lochwepheshe ukuze athuthukise ikhono lakhe ngaphambi kokuthi angenele umqhudelwano wamazwe ngamazwe.

Njengamanje umndeni uqoqa imali ukuze lo mdansi osemncane akwazi ukuya eMelika.

Izihloko zakamuva