
Dylan Bettencourt
UMengameli we-Confederation of African Football (CAF) uPatrice Motsepe uthi abesifazane bahambe iqhaza elibalulekile elithuthukisweni kwebhola ezwenikazi lase-Afrika.
Ekhuluma nge-International Women’s Day, uMotsepe uthe ibhola labesifazane libalulekile ekukhuleni komnotho e-Afrika.
Uphinde wagcizelela isifiso sakhe sokuqinisekisa ukuthi abesifazane bahola ngendlela.
Nakuba ibhola labesifazane likhula ngokushesha e-Afrika, usemkhulu umsebenzi okufanele wenziwe uma kuqhathaniswa nomdlalo wabesifazane kwamanye amazwe.
Isiqubulo esinikezwe ebholeni lase-Afrika kulo nyaka sithi “ukulingana ngokobulili lokho kuzoholela ekutheni kusimame ikusasa kwezemidlalo.”
“Sihlonipha futhi sizwakalisa ukuncoma abesifazane e-Afrika nasemhlabeni jikelele. Bagxila kwizimiso zozwelo futhi bayasikhuthaza ngokuzibophezela kwabo kanye namagalelo abo ekuthuthukiseni imiphakathi yethu,” kusho uMotsepe.
Ukubamba iqhaza kwabesifazane ebholeni lase-Afrika kukhule kakhulu ngesikhathi sikaMotsepe njengoMengameli we-CAF.
Isibonelo, ithimba lonke lonompempe besifazane liqokwe ukuthi liphathe umdlalo ngesikhathi se-Africa Cup of Nations (Afcon) okokuqala ngqa.
Ukuqokwa kuka-Ibrahim Kanizat njengephini likaMengameli kuqophe umlando njengoba eba ngowesifazane wokuqala ukuphatha lesi sikhundla esihlonishwayo. Uphinde abe nguMengameli wekomidi lenhlangano yabesifazane kwi-CAF.
“Nginesiqiniseko sokuthi ngokwethalente esinalo ebholeni labesifazane base-Afrika, i-African Nation izowina indebe yomhlaba ye-Fifa esikhathini esingekude kakhulu esizayo,” kwengeza uMotsepe.
Ngaphansi kobuholi balowo owayengumnikazi we-Mamelodi Sundowns, i-Afrika ibone umdlalo ophumelelayo we-Women’s Champions League.
Ezinye izinhlelo ezibalulekile zihlanganisa ukuthi wonke amaqembu abesilisa ahlungela i-CAF Champions League ne-Confederations Cup kuzodingeka abe neqembu labesifazane ukuze abambe iqhaza.
Kuze kube manje, i-Sundowns iyona kuphela iqembu laseNingizimu Afrika elineqembu labesifazane, okuyiqembu elinqobe i-Inaugural Women’s Champions League.
Yize ibhola labesifazane lisalele emuva ngokwentuthuko, kodwa ikusasa kwezemidlalo liqhakazile ohlangothini labesifazane.
Umthombo wesithombe: @iDiskiTimes