Liqhakazile elomdlali (17) wegalofu wakuleli

Dylan Bettencourt

Umdlali wegalofu wakuleli u-Aldrich Potgieter ubekelwe indawo yokuthi ayoqhudelana emicimbini emithathu emikhulu ngemuva kokuwina umqhudelwano we-127th British Amateur Championships.

Lo mdlali oneminyaka engu-17 uzobe eqhudelana kwi-150th Open e-St Andrews, i-87th Masters kanye ne-123rd US Open.

UPotgieter ulwile emdlalweni wamanqamu we-36 hole ngempelasonto ukuze anqobe umdlali wegalofu waseNgilandi uSam Bairstow wakwazi ukuwina okwesibili nokwesithathu.

Ukuwina kwakhe kumenze waba ngowesithathu wakuleli ukunqoba lo mqhudelwano ngemuva kukaBobby Cole ngonyaka ka-1966 noJovan Rebula ngo-2018.

Uphinde waba ngowesibili omncane kunabo bonke ukunqoba i-The Amateur kusukela uMatteo Manassero awina eneminyaka engu-16 ngo-2009.

UPotgieter uthe umuzwa wokunqoba ubungakangeni ngesikhathi ephakamisa indebe.

“Kuyamangaza ngempela angazi ngizothini. Kuzothatha isikhathi ukuthi ngamukele lokhu ngoba okwamanje amagama awakwazi nokuphuma nengqondo yami icabanga okuningi njengamanje,” kusho lo mdlali.

Lo mdlali wase-Mossel Bay e-Western Cape udlale ngokuzimisela wakhombisa ukuthi kumele bamusabe eminyakeni ezayo.

UPotgieter ungene kwi-The Amateurs ebekwe endaweni ka-140 futhi manje useqinise indawo yakhe ukuze aqhudelane kwi-Junior Presidents Cup yakulo nyaka e-North Carolina ngoMandulo emela elakuleli.

Uzoqala ukuncintisana wi-150th Open kulo Ntulikazi.

“Ngijabule kakhulu ngidlala i-Old Course ngesikhathi se-St Andrews Links Trophy futhi ibimangalisa impela,” kusho lo mdlali.

“Ngicabanga ukuthi isifundo sizoba sesimweni esingcono futhi ngikubheke ngabomvu lokho. I-Open ibilokhu iyisihloko engisithandayo ngenxa yawo wonke umlando esiwuphethe.”

UPotgieter uphethe ngokuthi lena impumelelo abengakaze ayiphuphe ukuthi izofezeka.

Kodwa-ke manje kufanele asebenzise leli thuba aveze ukuthi kungani ehlonishwa kakhulu.

Umthombo wesithombe: @CompleatGolfer

Scrolla World Cup Quiz