Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Libanjwe oqotsheni iphoyisa laseTemba ebelizama ukuntshontsha izinsimbi zemoto esiteshini elisebenza kuso.
USayitsheni uFrancis Mulaudzi ubanjwe entshontsha izinsimbi zemoto ebigcinwe esiteshini samaphoyisa.
Indlela aphunyuke ngayo kuyimpicabadala ngisho amaphoyisa udaba angeke akwazi uyichaza.
Okhulumela amaphoyisa aseTemba uSayitsheni Herman Moremi uthe uMulaudzi uhanjiswe enkantolo ngoLwesithathu ekuseni ezobhekana necala lokuntshontsha izinsimbi zemoto.
Kodwa ngesikhathi efika enkantolo amaphoyisa atshelwa ukuthi icala lakhe alikho ohlwini lamacala asenkantolo waphunyuka kanjalo.
“Okwamanje asinayo imibandela yokuthi kungani icala lingafakwanga ohlwini lwenkantolo. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka,” kusho uMoremi.
Kukhona okwengeziwe! Kuvele ukuthi imoto okukhulunywa ngayo ibipake esiteshini samaphoyisa eTemba ngemuva kokuba sengozini muva nje.
Futhi uMulaudzi ufike nomakhenikha wakhe wezimoto ukuthi athathe ezinye izinsimbi zemoto.
Okhulumela amaphoyisa ase-Gauteng uLieutenant Colonel Mavela Masonto utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umakhenikha wezimoto utholwe ngamaphoyisa, esamatasa ngaphansi kwemoto.
Ebuzwa ngesenzo sakhe umakhenikha utshele amaphoyisa ukuthi ujutshwe nguMulaudzi ukuthi akhiphe izinsimbi zemoto.
Uze waveza ukuthi ubengazi ukuthi ubentshontsha izinsimbi kanti ubekholwa ukuthi imoto ngekaMulaudzi.
Isithombe esingenhla: Usayitsheni uFrancis Mulaudzi wesiteshi samaphoyisa eTemba
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe