Liphinde lakhala izembe  kuPhalatse 

Lubhalwe nguLungani Zungu

Ukuzibalisela kweMeya yaseGoli akuzange kusebenze.

UMpho Phalatse unxuse amaqembu aphikisayo ukuba aqinisekise ukuthi ipolitiki yabo “igxile kubantu, hhayi ngokuzicabangela bona.”

Kodwa ngoLwesine ntambama uPhalatse we-DA ukhishiwe njengemeya yedolobha elikhulukazi ngesiphakamiso sokungamethembi.

Isiphetho sakhe sifike ngesikhathi amakhansela angu-140 kwangu-270 evotela ukuthi asuswe esikhundleni, angu-129 avota ephikisana nesiphakamiso.

Lesi siphakamiso sifakwe ngamaqembu amancane i-African Transformation Movement (ATM), i-Al Jama-ah kanye ne-African Independent Congress (AIC) ngeledlule.

Kube neziphetho ezithize ngoLwesithathu zokuthi uPhalatse ngeke asinde kulesi siphakamiso ngemuva kokubhuntsha kwezingxoxo phakathi komfelandawonye wamaqembu amaningi aholwa i-DA.

Emzamweni obonakale njengongenathemba wokubamba isikhundla sobumeya, uPhalatse ube nesithangami nabezindaba ngoLwesine ekuseni echaza ngohlelo lwakhe luka-R401 million lokulawula inkinga kagesi kuleli dolobha.

Lokhu akukhona okokuqala uPhalatse ekhishwa ngesiphakamiso sokungathenjwa.

Wabhekana nesimo esifanayo ngoMandulo nyakenye. Kodwa walwela ukususwa kwakhe kwaze kwafika eNkantolo eNkulu yaseGoli.

Inkantolo yavuna yena yathi kufanele abuyele emsebenzini wakhe wokuba imeya. IGoli elinesabelomali sika-R77 billion kumele libhekelele abahlali abayizigidi eziyisithupha.

Emizamweni yokugcina yokusindisa uPhalatse, i-DA ishayele uGayton McKenzie ucingo imcela ukuthi ayalele amakhansela ayisishiyagalombili eqembu lakhe i-Patriotic Alliance (PA) ukuthi avote ephikisa lesi siphakamiso.

Ngesikhathi kubonakala ukuthi leli cebo alisebenzi kuvele kwacaca ukuthi isikhathi sikaPhalatse sokuba imeya sesiphelile.

Waba imeya yaseGoli ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya lwanyakenye olwahluleka ukuqoka imeya nokuyinto eyaphoqa amaqembu ukuthi ahlangane ukuze aketule i-ANC.

I-ActionSA okuyiqembu eliholwa ngowayeyimeya ye-DA eGoli, uHerman Mashaba ligxeke i-DA “ngokuzikhukhumeza.”

Lesi siphakamiso esikhiphe uPhalatse ngoLwesine saqala ukwethulwa ngoLwezi.

Kodwa amaqembu aphikisayo emkhandlwini waseGoli – okuhlanganisa ne-ANC – avumile ukuwuhlehlisa ngenxa yokubhuntsha kwezingxoxo.

Esithombeni esingenhla: UMpho Phalatse

Umthombo wesithombe: IOL

Izihloko zakamuva