Dylan Bettencourt
Icala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa lihlehlisiwe ukuze kuqhutshekwe nophenyo lwedokodo lesibili elithinta uKelly Khumalo.
Ummeli uZandile Mshololo omele omunye wabasolwa abahlanu ucele ukuthi leli cala lihlehle ngemuva kokudalulwa kwedokodo lesibili ngesonto eledlule.
Leli dokodo lesibili lithinta abasolwa abaningana okuhlanganisa noKelly Khumalo.
UMshololo uthe umbuso uligodlile idokodo wahluleka ukulethula ngaphambi kokuthi kuqale ukuqulwa kwecala.
IJaji uTshifhiwa Maumela uvumele ukuthi leli cala lihlehliselwe ekuqaleni kukaMandulo.
UMshololo uthi kumele kucutshungulwe idokodo lesibili.
Ijaji lithe iNkantolo izoqhubeka ngomhlaka-12 kuNtulikazi ukucubungulwa kwedokodo lesibili kanti ukuqulwa kwecala kuzoqhubeka kusukela mhla zinhlanu kuMandulo.
Khonamanjalo i-National 074 774 2623 Authority ibone idokodo lesibili elenziwa ngonyaka ka-2019 lingenamsebenzi walutho.
Incwadi esayinwe nguMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi u-Andrew Chauke ethunyelwe eNkantolo eNkulu yase-Gauteng ngoMsombuluko ithi uzosigodla isiphakamiso sokuthi kuboshwe wonke umuntu owayesendlini ngesikhathi kushona uMeyiwa okuhlanganisa noKelly.
“Leli hhovisi alizange lenze esinye isinqumo mayelana nedokodo lecala.
“Amaphepha angaphakathi awaqukethe okuningi, njengo mbono wangaphakathi wommeli wombuso obungenasisekelo,” kubhala uChauke encwadini edalulwe ngoMsombuluko.
Ummeli omele abasolwa abane abasele u-Advocate Malesela Teffo akafunanga ukuthi leli cala lihlehliswe, wengeza ngokuthi kungase kungabi khona ubulungiswa kuleli cala”.
USenzo Meyiwa, owayengunozinti we-Orlando Pirates wadutshulwa wabulawa esemzini kanina kaKhumalo ngomhlaka-26 kuMfumfu ngo-2014 e-Vosloorus e-Ekurhuleni.
Umthombo wesithombe: @News24