Celani Sikhakhane
Kuphinde kwahlehliswa ukuqulwa kwecala labasolwa ababhekene necala lokubulala uNobhala we-ANCYL uMnu Sandiso Magaqa.
Ukuqulwa kwecala bekumele kuqale ngomhlaka-18 kuNtulikazi kuya kumhlaka-12 kuNcwaba kodwa kubambezeleke ngoMsombuluko ngemuva kokuthi umbuso wehluleke ukuhlinzeka omunye wabasolwa ngezokuthutha.
NgoLwesibili, icala liphinde lahlehliswa ngesikhathi umsolwa ofanayo kutholakala ukuthi “uphazamisekile” emqondweni ngenxa yokusebenzisa izidakamizwa.
Umbiko owethulwe phambi kweJaji uKate Pillay wase-Fort Napier eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu, uveze ukuthi uMlungisi Ncalane uyisidakwa futhi ungumlutha wezidakamizwa.
Ummeli kaNcalane ucele ukuthi ahlolwe ingqondo.
UMagaqa wabulawa ngo-2017 ngemuva kokudalula inkohlakalo ethinta ithenda lika-R40 million lokwakha ihholo lomphakathi.
Ngaleso sikhathi wayeyikhansela kuMasipala waseMzimkhulu.
Le nkohlakalo ibimataniswa nesikhulu se-ANC esifundeni iHarry Gwala phambilini esasibizwa ngeSisonke.
Okhulumela umndeni uLwazi Magaqa uthe abeneme ngokuziphatha kwabasolwa osekuholele ekutheni icala lihlehle iminyaka emihlanu.
“Unina kaSandiso ubelapha ngoMsombuluko okokuqala ngqa, ubenethemba lokuthi indodana yakhe izothola ubulungiswa kodwa amaqhinga enziwa phambilini kuleli cala lokubulala asaqhubeka,” kusho uLwazi Magaqa.
UMagaqa wadutshulwa enamanye amakhansela uJabu Mzizi kanye noNontsikelelo Mafu elokishini lase-Ibisi ngesikhathi bephuma emhlanganweni.
Imoto yakhe yohlobo lwe-Mercedes Benz ML 500 yayigcwele izinhlamvu. Washona ngemuva kwezinyanga ezintathu esesibhedlela saseThekwini.
UMzizi kanye noMafu basinda. Nyakenye uMzizi waqokwa njengeMeya yaseMzimkhulu.
UMagaqa waqokwa njengoNobhala Jikelele we-ANCYL ngo-2011, ethatha izintambo kuVuyiswa Tulelo. Usebenze noJulius Malema, uFloyd Shivambu, uMagdalene Moonsamy, uPule Mabe kanye noKenetswe Masenogi.
Abanye abasolwa ecaleni lokubulawa kwakhe uMnu Sbonelo Myeza oyiphoyisa kanye nosomabhizinisi uMnu Mbulelo Mpofana.
Umngani kaMagaqa, uThabiso Zulu uthe abanandaba kangako nabasolwa abasenkantolo. Abamfunayo ungqondongqondo ekubulaweni kwakhe.
UZulu kanye nesinye isishoshovu se-ANC, uMnu Les Tuta, badalule ngesikhathi somngcwabo kaMagaqa ukuthi bazisa owayenguMgcinimafa we-ANC ngaleso sikhathi uMnu Zweli Mkhize njengomholi ophezulu ngenkohlakalo nokusatshiswa ngokubulawa okwenzeka eMzimkhulu kodwa akenzanga lutho ngakho.
Manje icala selihlehliselwe uLwesithathu ngomhlaka-27 kuNtulikazi.