Limshonele ontshontsha omakhalekhukhwini ozibiza ngonogwaja

Kabelo Tlhabanelo

Isela lomakhalekhukhwini elingazigqoki izicathulo elizibiza ngonogwaja ngenxa yejubane lalo eliyisimanga-lingene enkingeni ngesikhathi libanjwa oqotsheni lisathi lenza elidume ngazo.

Izakhamuzi ezithukuthele zase-Charlotte Maxeke Street, enkabeni yedolobha lase-Bloemfontein zizibambele mathupha isela zalishaya ngaleso sikhathi, njengoba lo ozibiza ngonogwaja ebonakale ephakanyiswa ngesandla esisodwa. Lesi sigameko simphoxole unogwaja.

UThabang Kgomongoe obesendaweni yesigameko uthe ubone lo wesilisa efaka umakhalekhukhwini ephaketheni lakhe ngemuva kokuwuntshontsha etafuleni lomthengisi.

“Umthengisi ubesebenzisa umakhalekhukhwini wakhe ukudlala umculo ngesipikha se-Bluetooth,” echazela i-Scrolla.Africa.

“Ngivele ngabikela umthengisi ngokushesha ukuthi isigebengu sihamba nomakhalekhukhwini. Ubanjwe engakaqali ngisho ukubaleka ngejubane lakhe likanogwaja.”

Ngesikhathi eshaywa umlisa uthelwe ngamanzi ukuze angaquleki.

Umthengisi uSammy Potlako uthe uyazi ukuthi lo mlisa uwuhlupho  futhi uhlwitha abantu omakhalekhukhwini edolobheni.

“Uhlale engenazo izicathulo futhi uzishaya isifuba ngokuthi akekho ongabamba njengoba enejubane likanogwaja. Kodwa kulokhu inhlanhla yakhe ayimsebenzelanga,” kusho uSammy.

Umnikazi womakhalekhukhwini uthe ungowesilisa okungadlalelwa kuye.

“Ngithathe isinqumo sokuthi ngingawabizi amaphoyisa. Ngavele ngamlandela, ngambamba ngebhulukwe abeligqokile  ngamshaya kancane kodwa kabuhlungu.”

Uthe abantu abebedinwe begane unwabu bajoyine ngokumshaya ngemvubu. 

Omunye usomabhizinisi uthe udinga ukuvikela indawo yabo kwizigelekeqe.

“Ngizolahlekelwa amakhasimende uma abantu becabanga ukuthi le ndawo inobungozi,” kusho usomabhizinisi.

Unogwaja uphikile ukuthi untshontshe umakhalekhukhwini kodwa uthe ngeke abavulele icala lokumshaya.

“Angazi ukuthi bebekhuluma ngamuphi umakhalekhukhwini. Ngicela ungiyeke. Ngidinga ukuhamba,” etshela i-Scrolla.Africa wabe esebaleka ngemuva kwalokho.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant uMahlomola Kareli uthe noma ngubani unelungelo lokuvula icala noma nini inqobo nje uma kunobufakazi bokusekela isimangalo sakhe.

Scrolla World Cup Quiz