Limisiwe emsebenzini iphoyisa elisolwa ngokunikeza iziboshwa utshwala

Kamogelo Olaitan

Limisiwe emsebenzini iphoyisa elisolwa ngokunikeza iziboshwa utshwala nezidakamizwa ngesikhathi samaholide kaNcibijana.

Leli phoyisa elinguSeargent esiteshi sase-Phalaborwa lisolwa ngezinsolo zokuletha utshwala nensangu eziboshweni ezingaphakathi  ezitokisini zamaphoyisa, okwadala isiphithiphithi esikhulu. 

Iziboshwa kuthiwa zaqala zahlasela ezinye iziboshwa, ezinye zadlwengulwa ngemuva kokungena kwezimbiza ezitokisini.

UBrigadier Motlafela Mojapelo uthe kuvulwe amacala ayisithupha okushaya ngenhloso yokulimaza namabili okudlwengula.

“Bagcinwe esitokisini abasolwa ababili abaneminyaka engu-23 noneminyaka engu-39 babekwe amacala okudlwengula nokushaya ngenhloso yokulimaza,” kusho uMojapelo.

UKhomishana wesiFundazwe sase-Limpopo, uLieutenant General uThembi Hadebe, uthe izitokisi zamaphoyisa zilawulwa ngokwemigomo ekhona yangaphakathi.

“Okwenzeke esiteshini samaphoyisa e-Phalaborwa kuyathusa. Siyaphenya ngalesi sigameko, uma sithola ukuthi umsolwa unecala uzobe esethathelwa izinyathelo ezifanele,” uHadebe.

Abasolwa bavele eNkantolo yeMantshi yase-Phalaborwa ngoLwesihlanu, mhlaka-7 kuMasingana, icala labo lihlehlisiwe.

Izihloko zakamuva