Lubhalwe nguLinda Ximba
Owayengumpetha wesibhakela uZolani “Last Born” Tete, ubhekene nesijeziso esinzima, sokugwetshwa iminyaka emine ngokusebenzisa izidakamizwa ezenyusa izinga lokudlala.
Lo mshayisibhakela wase-Eastern Cape uqale wathola isampula yokuqala-A kulandela ukuhlula kwakhe uBriton Jason Cunningham ngomzuliswano wesine e-OVO Arena e-London ngoNtulikazi nyakenye.
Wenza isibhakela sakuleli saziqhenya ngesikhathi ebuyela ekhaya nezicoco ze-Commonwealth, i-International Boxing Federation (IBF) i-World Boxing Organisation (WBO) ne-International junior-featherweight.
Kodwa kamuva umchamo wakhe utholakale une-stanozolol okuyizidakamizwa ezingavumelekile eziqinisa imisipha. Kuyi-steroid ethuthukisa indlela yokusebenza eyavalwa okokuqala kwezemidlalo ngo-1974.
Abaphathi bakaTete bacele ukuhlolwa kwesampula yesibili-B nayo ebuye isho into eyodwa okushabalalise ithemba lokuthi lo mdlali onekhono uzoqhubeka nokuziphilisa ngesibhakela.
Umphathi wakhe uMlamuleli Tengimfene ezwakala edangele, wabelane ngezindaba zakamuva ne-Scrolla.Africa.
“Kusiphatha kabuhlungu ukunazisa ukuthi imiphumela yesampula yesibili-B iqinisekise into efanayo nesampuli yokuqala-A,” kusho uTengimfene.
Uthe sebekwenze konke ukubheka umthombo.
“Siqale lapha eqenjini lethu asitholanga lutho olubi njengamanje akukho esingakwenza.
“UZolani kumele abhekane nemiphumela.”
Ngemuva kwemiphumela yokuqala yokuhlolwa ngoLwezi, i-Boxing South Africa yashesha ukumisa ilayisensi yompetha we-IBF junior-bantamweight ne-WBO bantamweight.
Njengoba uTete esezohlanganisa iminyaka engu-35 ngoNdasa ngonyaka agwetshwe ngawo iminyaka emine,kungase kusho ukuphela komsebenzi wakhe wesibhakela owake waba impumelelo.
Osesithombeni esingenhla: UZolani Tete
Umthombo wesithombe: @FrankWarren