Lubhalwe nguLungani Zungu
Kulindeleke ukuthi bakhokhe imali engu-R1.2 million umuntu ngamunye abaholi bamabhizinisi abafisa ukuhlala etafuleni elilodwa noMengameli Cyril Ramaphosa esidlweni sasebusuku sokuqoqa imali ye-ANC e-Mangaung ngale mpelasonto.
Leyo intengo yesihlalo esiphezulu njengoba leli qembu linethemba lokuzikhipha obishini lwezezimali oseludale ukuthi abasebenzi baseLuthuli House bahlale izinyanga bengaholi.
Isidlo sasebusuku esihlelwe i-ANC Progressive Business Forum sizoba ngosuku olwandulela umcimbi wokugubha iminyaka engu-111 yeqembu e-Free State mhla ziyisishiyagalombili kuMasingana.
Kodwa leli qembu lidonsa kanzima ukudayisa amathikithi.
Embhalweni obufakwe ku-Twitter, kodwa wasuswa i-Progressive Business Forum edlelana ne-ANC kuleli sonto ichaze ngokuthi amathikithi awathengisi ubuthaphuthaphu.
Kodwa-ke, i-ANC inethemba lokuthi imigubho yangempelasonto izoba usizo olukhulu esimweni sezimali seqembu.
Iqembu lizoba nosuku lwegalofu noRamaphosa kanye nabanye abaholi beqembu ngoLwesihlanu e-Bloemfontein Golf Club, kulandela isidlo sasebusuku ngoMgqibelo e-Sand Du Plessis Theatre Marble Foyer.
Njengoba kukhona noMengameli kule micimbi kusobala ukuthi yonke izomba eqolo.
Labo abazimisele ngokubhekana noRamaphosa emdlalweni wegalofu wamabhola amane ngoLwesihlanu kumele bazimisele ukukhipha u-R350,000.
Khonamanjalo umdlalo noNgqongqoshe beKhabhinethi, oNdunankulu namalungu e-ANC esigungu esiphezulu (NEC) ubiza u-R75,000.
Umnikelo ka-R50, 000 uthenga umdlalo wegalofu owodwa nelungu le-Provincial Executive Committee (PEC), u-R20,000 ukuvumela uchithe isikhathi neMeya noma ilungu le-Regional Executive Committee (REC).
Ngesikhathi sesidlo sasebusuku ngoMgqibelo eqenjini labantu abayisithupha abafuna izihlalo eziyisithupha ze-titanium etafuleni likaRamaphosa izindleko zingu-R1.2 million, okungu-R200,000 umuntu ngamunye.
Iplathinamu ibiza u-R166,667 umuntu ngamunye no-R1 million eqenjini labantu abayisithupha, kanti igolide lizobuyisela u-R95,000 no-R760,000 eqenjini.
U-R30 000 uzohlalisa isihlalo esisodwa sesiliva, kanti u-R15,000 uzobeka izihambeli esihlalweni sethusi esidlweni sasebusuku.
Isihlalo se-Nickel sibiza u-R10 000 kanti ese-chrome sibiza u-R5 000.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesibili, unobhala-jikelele we-ANC osanda kukhethwa uFikile Mbalula uthe i-ANC izokwazi ukwenza imali ngemigubho yangempelasonto e-Bloemfontein okuyilapho kwasungulwa khona i-ANC ngo-1912.
“Sinethemba lokuthi osomabhizinisi bazosisiza siqoqe imali emicimbini esizoba nayo ngempelasonto,” kusho uMbalula.
URamaphosa uzokwethula inkulumo yosuku lokuzalwa kweqembu mhla ziyisishiyagalombili kuMasingana enkundleni ebizwa ngeDr Petrus Molemela ngoMgqibelo.
Osesithombeni esingenhla: NguMengameli Cyril Ramaphosa
Umthombo wesithombe: @MYANC