Likuphi iPhini likaMengameli waseNingizimu Afrika?

Lungani Zungu

Emasontweni amathathu edlule, iPhini likaMengameli uDavid Dabede Mabuza uthathe ikhefu lezinsuku ezimbalwa eyohlolwa ngodokotela e-Russia.

Hhayi-ke, sekuze kwaphela inyanga kungacaci ukuthi uDavid owaziwa ngozakwabo njengoKati, ukuthi uzobuyela nini esikhundleni sakhe.

Ngisho iqembu likahulumeni elihamba phambili lijoyina umphakathi waseNingizimu Afrika ukugoqa imikhono nokukhuculala izwe ngemuva kwezidubedube ezibulalayo, uMabuza namanje akabonwa.

Ngisho nomkhulumeli wakhe, uSam Bopape, ubonakala engenalo ulwazi ngokuthi uzobuyela nini emsebenzini wakhe. UBopape udlulisele i-Scrolla.Africa esitatimendeni sabezindaba sangenyanga edlule lapho abuzwa khona ukuthi ukuphi uMabuza. Wenqabile ukuqhubeka nokuphawula.

Omunye wabasekeli bakaMabuza eMpumalanga, lapho okuvela khona iPhini likaMengameli, uthe iPhini likaMengameli lizohlala lingekho emphakathini kuze kube yilapho isiphepho sokuboshwa kwalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma sincipha.

“Akafuni ukuba yingxenye yalokhu okwenzekayo, ikakhulukazi njengoba uZuma eboshiwe,” esho.

UMabuza noZuma bake baba ngamadlelandawonye aqinile kwezepolitiki, kodwa ubudlelwano babo abuzange buphele kahle ngesikhathi uMabuza ethula lokho akubiza ngokuthi yivoti lobumbano engqungqutheleni yokukhetha ubuholi yowezi-2017, echitha ukukhetha kukaZuma, uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma.

Wahlulwa uDkt Nkosazana Dlamini-Zuma kwawina uMengameli uCyril Ramaphosa.

Lokhu kwathukuthelisa uZuma kanye noNobhala-Jikelele we-ANC osamisiwe u-Ace Magashule abathi, kusukela ngalolo suku olubucayi babhala igama likaMabuza encwadini yabo yezitha.

Okhulumela i-ANC uPule Mabe uqondise yonke imibuzo mayelana nokuthi uMabuza ukuphi ehhovisi likamengameli.

Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo ukholelwa ekutheni uMabuza uzoqhubeka nokuhlala lapho ahleli khona kuze kube udaba lukaZuma luyadlula.

“UMabuza unguhlobo losopolitiki owaziyo ukuthi kumele abaleke nini nokuthi ahlale uma kunjani. Ucabanga ngekusasa lakhe lezepolitiki. Yingakho wabalekela e-Russia ezinsukwini ezandulela ukuboshwa kukaZuma,” kusho uKhumalo.

Izihloko zakamuva